UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane uthi unesu elingalapha inkinga ebhekene nePremier Soccer League (PSL) yokuhlela imidlalo.
Ngokusho kukaMosimane, akufanele engabe kuba namaqembu asele ngemidlalo eminingi kwamanye kwi-Absa Premiership njengoba kwenzeka. Njengamanje iSundowns isadlale kuphela imidlalo eyisishiyagalombili, ekubeni kukhona amaqembu asedlale imidlalo ewu-11, newu-10.
Sekuyinto ejwayelekile ebholeni lakuleli ukuthi iqembu elidlala kwiCAF Champions League noma kwiCAF Confederation Cup, ligcine lisalele emuva ngemidlalo kwi-Absa Premiership.
UMosimane uthe konke lokhu kungagwemeka.
“Lena yinkinga engalungiseka. Uke uzibuze ukuthi kungani emazweni afana ne-England (kwi-English Premier League), amaqembu engasali ngemidlalo. Ngisho phela ngoba nabo banamaqembu adlala kwi-Uefa Champions League, FA Cup, nakwiLeague Cup. Umehluko ukuthi bona imidlalo yezicoco bayidlala ngezimpelasonto kuphela. Mhlawumbe nePSL kufanele yenze okufanayo. Kuyinkinga ukuthi uma kukhona iqembu elingadlali ngempelasonto liphumule, kuthi elinye lidlale, akuzwakali,” usho kanje uMosimane.
Amazwe afana ne-England, Spain ne-Italy enza okushiwo ngqo uMosimane kodwa ngokwesimo sokuphila angamazwe asezingeni eliphezulu uma eqhathaniswa neNingizimu Afrika.
UMosimane uthe uyazi ukuthi akulula ukuthi iPSL yenze njengokucabanga kwakhe kepha kufanele iyibukisise eyokuqhatha amaqembu.
“Kuzofanele sikuqonde ukuthi iPSL ifuna uxhaso emiqhudelwaneni ehlukene nasezinkampanini ezihlukene. Kubalulekile ukuthi iligi ithole uxhaso olusezingeni eliphezulu kodwa angisiboni isizathu esingavimba ukuthi bazame lokhu okwenziwa ngamaligi amakhulu nahlonishwayo emhlabeni. Nginethemba lokuthi ingaphela nya le nto yokuthi kukhona osadlale imidlalo eyisikhombisa, omunye ewu-10 njalo njalo,” kuqhuba uMosimane.
Ngokusho kukaMosimane, iPSL kufanele izihluphe ngokubuka amanye amaligi amakhulu ukuthi enza kanjani.
“Wake wayibona iBayern Munich yaseGermany kuthiwa isele ngemidlalo kwiligi yabo? Ngeke lokho kwenzeke, kungabe kudalwa yini? Ngicabanga ukuthi ileso isisombululo kule nkinga yokusala ngemidlalo,” kusho uMosimane osezakhele igama ngokukhuluma osekufike emlonyeni wakhe.