UMA kungaya ngamazwi omqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, iBafana Bafana kufanele iziphuzele itiye kwiLibya emdlalweni kaGroup E obhekwe ngabomvu ngesonto elizayo.
Isizwe simincele ukuthi okungenani iBafana ithole iphuzu bese ilibangisa e-Egypt kwi-Africa Cup Of Nations (Afcon). Lo mdlalo uzoba ngeSonto ngoMashi 24, eStade Taïeb Mhiri Stadium, eTunisia ngo-7 ebusuku.
UMosimane ubona kungekho simanga esingako ngalo mdlalo ngaphandle kokuthi iBafana ingene enkundleni ithole amaphuzu aphelele.
“Nginethemba lokuthi sizobuya kulo mdlalo weLibya futhi isizwe sizothokoza. Sidlale nompetha beligi baseLibya kwiCAF Champions League, i-Al Ahli Benghazi, sabalobola ngamagoli amahlanu eqandeni,” kusho uMosimane.