UPHIKA eyokushiya iFree State Stars umgadli, uSiphelele Mthembu, ongakayivuseleli inkontileka ne-Ea Lla Koto.
Inkontileka kaMthembu neStars, ayisayine ekuqaleni kwesizini emuva kokuchithwa yiKaizer Chiefs, iyaphela ekupheleni kwenyanga.
Izingxoxo zokuyivuselela zigcine zingabanjwanga kwaze kwavalelwa ukuphela kwesizini ka-2017/2018. I-Ea Lla Koto ivale isizini ngendebe yeNedbank Cup, iqeda ishobolo leminyaka ingawini lutho kwi-Absa Premiership. Lokhu kuyifake emqhudelwaneni iCAF Confederations Cup ezohambisana kuyona neChiefs eqede isizini endaweni yesithathu kwi-log yePremiership.
UMthembu ngomunye wabadlali abakhathule indima ebonakalayo ekutheni leli qembu lifinyelele esicongweni. Umqeqeshi weStars, uLuc Eymael, uzwakale esekulungele ukuqhubeka nempilo ngaphandle kukaMthembu. Ucashunwe ethi ngoba uMthembu akayivuselele inkontileka, uzosayinisa omunye umgadli waseMzansi. IStars isivele imataniswa no-Eleazar Rodgers ochithwa yiBidvest Wits.
“Bekufanele sikhulume ngaphambi kokuthi sivalele ukuphela kwesizini kodwa kwangenzeka ngenxa yokuthi kade senza izinto eziningi. Senze imijekelezo nendebe yeNedbank emuva kwalokho ngaya ekhaya ngoba besikade sesiside isikhathi ngagcina. Akukhona ukuthi angisafuni ukubuyela kwiFree State Stars. Wangibiza uRantsie (Mokoena), kodwa sangakwazi ukukhuluma ngoba kade sengijahe ekhaya. Ngimtshelile ukuthi sizokhuluma uma ngibuya,”kusho uMthembu.
IStars izovula ngoLwesihlanu ukuzoqala amalungiselelo esizini entsha ka-2018/2019. Leli qembu kuvele ukuthi selisayinise umgadli uLinda Bhengu obebolekiswe AmaZulu kuMthatha Bucks kwiNational First Division (NFD) ngesizini edlule. Umgadli uMohammed Anas, otshele leli phephandaba ngaphambi kokuphela kwesizini ukuthi akajabule, ushiyile kwiStars. U-Anas ulibeke ngembaba elokuthi uma * -Eymael engahambi, kuzohamba yena ngoba uyabona ukuthi abatholani.
“Ukuba benginalo iqembu elingifunayo ngabe angixoxi neStars. Okubalulekile kimina ukuthi kwiStars banginike ithuba ngakho angifuni ukuhamba ngendlela embi. Nginjalo mina ngifuna ukuhamba kahle endaweni.Alikho elinye iqembu engixoxa nalo okwamanje.Ngizobuyela kwiStars inkontileka yami isisalelwe yizinsuku eziyishiyagalombili kodwa anginankinga," kusho uMthembu. Izolo imizamo yokuthola isikhulu seStars, uRantsie Mokoena, ayiphumelelanga nemiyalezo esithunyelelwe yona asizange siyiphendule.