UJABULA abuye nganeno ngokuhlabana kukaPercy Tau phesheya kwezilwandle umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane. Lo mqeqeshi unconywa ngokudlondlobala kwalo mdlali ebholeni.
NgoMsombuluko ebusuku uTau uqokwe njengomdlali ovelele kwiligi yesigaba sesibili eBelgium, ewina iProximus Player of the Season, emuva kokushaya amagoli awu-11 wakha awu-13 ngesizini yakhe yokuqala ephesheya kwezilwandle.
Uthengwe ngezigidi ekuqaleni kwesizini yiBrighton Hove & Albion edlala kwi-English Premier League kodwa yambolekisa kwiRoyale Union St-Gilloise yaseBelgium. UTau uhambe eMzansi ekade eqokwe njengomdlali ovelele kwi-Absa Premiership, i-Absa Premiership Footballer of the Season, waphinda wacazelana umklomelo wamagoli noRodney Ramagalela emuva kokuthi beshaye awu-11 emunye.
“Ngijabule ukuthi uPercy uye e-Europe ngoba kade sifuna lokho futhi kubalulekile nokuthi akhombise ukuthi angadlala khona. Yilokho okubalulekile kimina nokushintsha impilo yakhe neyomndeni wakhe. Ibhola wumdlalo oshintsha impilo yethu. Buka mina, ukube ibhola alikho ngabe impilo yami ihlukile. Angazi ngabe ngikuphi ukuba ibhola alikho. Ibhola lifake izingane zami esikoleni laphinda lasiza nezizukulwane zami. NakuPercy kuzoba yinto efanayo, yikho ngijabule ngokuthi use-Europe ngoba ubehlala efuna ukuya khona,” kusho uMosimane.
“Kodwa ngokwamaqhinga anginaso isiqiniseko sokuthi leya ligi izomenza umdlali ongcono kuneCAF Champions League yalapha. Kukabili. Kulesi sigaba akusona eBelgium, anginaso isiqiniseko. Ngesikhathi uPercy ewina ngithe kulungile. Vele bekulindelekile ukuthi awuwine umklomelo. UPercy ungumdlali wePremier League. Angisho ukuthi kuwukubuyela emuva (ukudlala eBelgium), kukhona okuhle njengoba ngishilo kodwa ngokwamaqhinga kunzima lapha. I-Absa Premiership yiligi enzima ngoba sithola abadlali abasuka kwiPremier League abadlala kwiWydad Casablanca, Al Ahly ne-Esperance. Uyabona ukuthi kunjani. Ngakho ukuba kwakhe laphaya, angazi.”
UMosimane ubekhuluma emuva kokuthi iSundowns inyukele esicongweni se-log emuva kokwehlula iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 kowe-Absa Premiership eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesibili ebusuku. Uphinde wakugcizelela abehlale ekusho ukuthi ufisa uTau ayodlala kumaligi aphezulu ngoba yilapho afanele ukudlala khona ngenxa yezinga lakhe.
UTau udlala eBelgium ngenxa yokuthi wahluleka ukuba nakho konke okudingekayo ukuze adlale kwiBrighton okubalwa kukhona imidlalo eyanele kwiBafana Bafana.
“Ngifisa ukuthi uPercy aye kwi-English Premier League, bamnike imvume yokusebenza. Ngaphandle kwalokho wenzani laphaya? Ngeke mhlawumbe aye kwiLa Liga, Bundesliga, Serie A? Lo mfana ungumdlali ophezulu. Ngiyamncoma ukuthi usebenzile ngokuba umdlali ovelele kodwa ubewine umklomelo ofanayo lapha. Kumnandi ukuthi use-Europe, imali ingcono kodwa ubhekana nobani? UPercy ubengenza kangcono kabi kwiChampions League awine i-African Player of the Year, asayiniswe yiValencia (Spain), Villarreal (Spain), Milan (Italy). Yilapho okufanele adlale khona,” kusho uMosimane.