USEGILE izimanga uKeith Thurman, ozolwa noManny Pacquiao eMGM Grand Arena eLas Vegas ngeSonto ngo-3 ekuseni.
UThurman, ongumpetha weWBA welterwieght ongakaze ahlulwe, uveze ukuthi
uzokhipha imali ebhange azibhejele yena ukuthi uzokwehlula uPacquaio.
Empeleni uThurman akazukubhejela nje ukuthi uzokwehlula uPacquaio kule mpi yabo yeFOX Sports Pay-Per-View ezovezwa bukhoma kwiSS1.
UThurman kodwa uthi uzobukisa ngayo le ngwevu yaseFilipino kwazise uzibona eyiqeda ngomgqimuzo womlalisa phansi.
Uze washo ngisho nemizuliswano okuzomele uPacquaio alindele ngayo ukuvuka othulini.
Leyo mizuliswano ngowesibili nowesikhombisa ngokukaThurman osho lokhu esithangamini nabezindaba eMGM Grand ngoLwesithathu.
Echaza ngezinsongo zakhe uThurman, oneminyaka engu-30 ubudala, ugcizelele ukuthi akayele ukuyongcweka kodwa uyoqeda ngoPacquiao.
“Siyele ukuyoqeda. Ngakho umngqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano wokuqala, ngowesibili bese kuba ne-lucky-number-7-round. Uyalwazi udaba. Ekugcineni kosuku kodwa wumdlalo. Ngingumnqobi empilweni. Ukuzibhejela mina ukuthi ngizoqeda ngemizuliswano yokuqala kufakazela ukuthi ngizokwenza lento ebengiyisho ekuqaleni, ukuthi ngizomhlokoloza, ngimhlokoloze, ngimhlokozela! Uyalwazi udaba. Kufanele ugabe ngemihlokolozo enembayo e uma ufuna ukuyibeka ekhaya. Awukwazi ukuhlala nje upumputhe umoya usuku lonke,” ucashunwe kanje kwi-www.boxingscene.com.
Irekhodi likaThurman lifundeka kanje (29-0, 22KOs, 1NC).
UPacquaio, oneminyaka engu-40 ubudala, uyaziwa ukuthi akandile ngamazwi njengezimbangi zakhe kodwa ucashunwe yiSuperSport ethi:
“Isivinini sami namandla kuzozikhulumela khona. Angangithatha kancane nje manje kodwa uzokhuluma okuhlukile uma esengene eringini nami.”