UWEDSON Nyirenda oqeqesha iBaroka FC uxwayisa i-Orlando Pirates abazobhekana nayo kowamanqamu weTelkom Knockout ePort Elizabeth ngoDisemba 8 UWEDSON Nyirenda oqeqesha iBaroka FC uxwayisa i-Orlando Pirates abazobhekana nayo kowamanqamu weTelkom Knockout ePort Elizabeth ngoDisemba 8
KUFANELE izibambe ziqine i-Orlando Pirates kowamanqamu weTelkom Knockout ngoDisemba 8 eNelson Mandela Bay Stadium ngoba izobe ibhekene nomqeqeshi ongayibheki indebe uma esefikile kowamanqamu.
Lo mqeqeshi nguWedson Nyirenda waseZambia ogila izimanga kwiBaroka FC.
Esandleni sakhe umqeqeshi owaduma kakhulu eqhulula amagoli kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, iBaroka ingene kowamanqamu okokuqala ngqa. Ngaphezulu kwalokhu iBakgaga iyavutha bhe kwiTelkom. Iqale ngeLamontville Golden Arrows, kwalandela iMamelodi Sundowns, yagcine ngokukhipha ompetha beTelkom, iBidvest Wits. Konke lokhu iBaroka ikwenze ngaphandle kokungenelwa yigoli.
Akumethusi lokhu uNyirenda ngoba uyindoda ezidlayo vele izicoco ngokusho kwakhe. Udonse ngendlebe abePirates ukuthi bangalokothi bazitshele ukuthi sebewinile ngoba bazophoxeka.
“Ngeke ngibale ukuthi zingakanani izicoco esengizidle eZambia. Ngendlela eziningi ngayo izindondo kwami angazi ngempela ukuthi ngizoyibekaphi le esizoyidla ngoDisemba 8,” usho kanje sakuncokola.
“Ngifike eMozambique iqembu ebengiliqeqesha lingakaze lidle isicoco seligi. Ngifike ngakwenza lokho ngaze ngabanezela ngenye inkomishi. Uma nizokhumbula kahle ngifike kwiBaroka ngasho ukuthi izinto eziningi zizoshintsha. Ngiwumuntu owinayo ikakhulukazi uma sengifikile kowamanqamu angidedeli lutho,” usho kanje sakuxwayisa iPirates.
UNyirenda ukujabulele kakhulu ukubuyela eNingizimu Afrika athe uyithatha njengekhaya wafike wafaka iqembu kowamanqamu okokuqala. Okunye akuvezile wukuthi akayena umuntu okholelwa kumabhonasi kwazise kunamahlebezi okuthi abadlali beBaroka bazohlukaniselana amantshontsho uma bedla lesi sicoco.
“Ngikukhulekele ukungena kulo mdlalo wamanqamu, ngakhoke manje sengizozenzela umsebenzi wami njengenjwayelo bese konke okunye kuziveze khona
“Kusemqoka ukuthi batuswe abadlali ikakhulukazi uma bedlale kahle njenganamuhla. Eyamabhonasi ngiyishiyela kubaphathi kodwa engikwaziyo wukuthi ngisho abadlali bangathenjiswa izigidi uma bengena enkundleni benze abangazange batshelwe khona lokho kuyofana neze leze. Ngigezeke ngaphakathi ngendlela amasosha ami alwe ngayo. Bakhombisile ukuthi singabulala izizwe, inqobo nje uma sizoqhubeka nokubumbana njengoba senza,” kusho uNyirenda othembise abantu baseLimpopo namaphethelo uKhisimusi omnandi ophelezelwa yindebe yeTelkom Knockout.