‘KUNGAMAHLEBEZI angenasisekelo ukuthi uPhumlani Ntshangase ufunwa i-Orlando Pirates, akukho okusashiwo eziMnyama kumina”.
Lawa ngamazwi ashiwo yimenenja kaNtshangase njengoba kuvela ukuthi lo mdlali ngeke esabuyela kwiBidvest Wits embolekise kwiSuperSport United.
Ngokuthola kweSolezwe, uNtshangase ngeke esabuyela kwiWits njengoba kade esephenduke ukudla kwebhentshi ngaphansi kukaGavin Hunt.
Ugcine etakulwe uKaitano Tembo ngasekuqaleni kwesizini, wamsayinisa inkontileka yonyaka ebolekiswe kuMatsatsantsa a Pitori.
“Sekungaba yibhadi ukuthi uNtshangase abuyele kwiWits. Ngenxa yeminyaka yakhe, uNtshangase akayizwa eyokuduva ebhentshini uzimisele ngokudlala. Okunye okumenza abe manqika ukubuyela kwiZitshudeni ukuthi indawo ayidlalayo abadlali abafakwayo njengamanje benza kahle kuyona, futhi baningi,” kusho umthombo.
Ngokusho kwalo mthombo, iSuperSport ayikufihli ukuthi uNtshangase ifuna ukumsayinisa ngokugcwele kuleli qembu.
“ISuperSport ichazekile kakhulu ngoNtshangase ngoba ukwazi ukudlala izindawo eziningi. Okunye okuhle ngaye ukuthi akalona lolu hlobo lwabadlali abahluphayo, uyahlonipha futhi uyalalela. Elinye iqembu elimfunayo yiPirates kodwa ayikaphumeli obala njengoba isalokhu ibuze njalo ngaye kodwa kungekho ekubeka etafuleni,” kuqhuba lo mthombo.
UNtshangase usalelwe inkontileka yonyaka neWits.
USizwe Ntshangase oyimenenja kaPhumlani, akakuphikanga ukuthi mancane amathuba okuthi uNtshangase abuyele kwiWits.
“Ujabule kakhulu kwiSuperSport. Uzokhumbula nokuthi ubengadlali kwiWits eze ebolekiswa. Isivumile iWits ukuthi singaqala izingxoxo neqembu elifuna ukumsayinisa. Lokho kuyasithokozisa kakhulu, ngoba besilinde ukuvumelana neWits,” usho kanje uSizwe.
Ebuzwa ngokuthi ngabe iBhakabhaka lingelinye lamaqembu amcathamelayo yini uPhumlani, uthe: “Lokho kungamahemuhemu nje nami esengike ngawezwa kodwa okukho okutheni. Angikaze ngixoxe nePirates ngoPhumlani kuze kube yimanje. Nokho ngingakuqinisekisa ukuthi akhona amaqembu amfunayo uPhumlani amanye ayaziwa, kanti amanye awaziwa. Ngingalisho ligcwale umlomo elithi ikusasa lakhe lihle noma ngabe uhlalile kwiSuperSport noma ngabe akahlalanga.”