UKERMIT Erasmus ongenaqembu akakwazi ukusayina eqenjini laseNingizimu Afrika ngenxa yemithetho yeFifa Isithombe: BACKPAGEPIX
I-ORLANDO Pirates iyazihlangula kuKermit Erasmus osanda kunqamula inkontileka yakhe neStade Rennais FC yaseFrance.

UFloyd Mbele oyisikhulu sePirates utshele Isolezwe ukuthi kuzobahlula ukusayinisa u-Erasmus ngenxa yemithetho yeFifa.

“Imithetho yeFifa ikubeka kucace ukuthi akakwazi ukudlala eNingizimu Afrika. Angasayina emazweni anjengoSweden, Turkey naseRussia. Ngakho indaba yakhe ifana nento engekho. Asikwazi ngisho ukuqala sikhulume ngayo. Ukuba inkontileka yakhe uyinqamule ngesikhathi kusavulwe iwindi besingakwazi ukukhuluma naye ngokuthi azodlala kithina. Lapha eNingizimu Afrika angaze asayine uma sekuqala isizini entsha (ka-2018/2019),” kusho uMbele.

Yinto eyaziwayo ukuthi iPirates ifuna umgadli ongalibheki ipali. Leli qembu lihluleke lancama wukuthola uJeremy Brockie waseNew Zealand ogcine esayine kwiMamelodi Sundowns.

U-Erasmus obegijima kwiSuperSport United ngaphambi kokuya kwiBucs, kuvela ukuthi ubebiza izindodla zemali. Abanye abagadli abebemataniswa neBucs ngu-Evans Rusike obedlala kwiMaritzburg United noThobani Mncwango obeyibamba kwiPolokwane City.

URusike ugcine esayine kwiSuperSport kwathi uMncwango wazitholela ikhaya elisha kwiBidvest Wits. U-Erasmus ushiye iPirates ngo-2016 esehlale amasizini amathathu kuleli qembu. Lo mgadli usize eZimnyama zafinyelela kowamanqamu weCAF Confederation Cup ngo-2015 kwathi ngo-2014 wafaka isandla iPirates imuka nesicoco seNedbank Cup.

U-Erasmus ufike walizwa ngendaba ijezi kuleli qembu laseFrance. Ngesizini edlule ubebolekiswe kwiLens edlala esigabeni esiphansi kwiligi yaseFrance. Lo mgadli weBafana ufike wehluleka wancama wukushaya amagoli kwiLens okuholele ekutheni imbuyisele kwiRennes.