OWAYEQEQESHA uDesiree Ellis, ngesikhathi esengumdlali kwiBanyana Banyana, uNomalungelo Mooi, uthi akumethusanga ukubona impumelelo yakhe njengomqeqeshi ngoba izimpawu zokuba ngumholi wazikhombisa esengumdlali ngaphansi kwakhe.
UMooi, owake waba yimenenja jikelele kwiBay United, ubephawula ngokuhlabana kuka-Ellis nomklomelo womqeqeshi ovelele i-Afrika yonke jikelele emcimbini wemiklomelo yeCAF ebiseDakar, eSenegal ngoLwesibili ebusuku. “Mina akungimangazanga ukubona uDesiree ephumelela ngale ndlela ngoba ukuba ngumholi yinto ayikhombisa esadlala ngaphansi kwami kwiBanyana Banyana. Ngicabanga ukuthi mdala kimina ngeminyaka emibili kodwa akakaze akukhombise ukuthi ngiyamelama.
“Kunalokho wayelokhu eseduze kwami engisekela ngayo yonke indlela kukho konke engangikwenza,” kusho uMooi.
“Ngisho namanje usangibiza ngomqeqeshi uma ngihlangana naye. Ngisho naye uyazi ukuthi ngizizwa kanjani ngempumelelo yakhe. Nangesikhathi enikezwa lo msebenzi ngokugcwele yimina engambongela kuqala ngamtshela ukuthi ngiyamethemba ukuthi uzowenza ngempumelelo.”
UMooi uthe impumelelo ka-Ellis ikhomba ukuthi zingadla ekhaya futhi kungabi ndaba zalutho.
“Lokhu kuyinkomba yokuthi akudingeki ukuthi uphumele ngaphandle ukuze ubone impumelelo yakho. Kuchaza khona ukuthi abaqeqeshi bethu kufanele sibethemba futhi sibanikeze ithuba,” kuqhuba uMooi.
Ephawula ngoThembi Kgatlana othole umklomelo wokuba ngumdlali ovelele wonyaka kwabesifazane nowegoli lonyaka uthe: “Kulo mdlali sinomdlali osezingeni eliphezulu kakhulu ongadlala noma yikuphi emhlabeni. Ngeshwa angikaze ngisebenze naye kodwa ngiqala ukumbona kwiTV edlala, ngambona ukuthi ungumdlali osezingeni lomhlaba.
“Le mphumelelo isidweba sigqame isithombe sokuthi baningi oKgatlana abasabalele nayo yonke iNigizimu Afrika.
“Kuphela uDesiree nethimba lakhe kudingeka bavunyelwe baphume inqina yokubheka abanye oKgatlana kuyona yonke iNingizimu Afrika. Ukukhuluma iqiniso, nguKgatlana obenesandla esikhulu ekutheni sifinyelele emidlalweni yamanqamu e-2019 FIFA Women’s World Cup, eseFrance.”
Usomaqhinga weSAFA uNeil “Mokoko” Tovey, uthe bayaziqhenya ngempumelelo ka-Ellis.
“UDesiree usevuna izithelo zokusebenza kwakhe ngokuzikhandla eminyakeni edlule. Ubelokhu ekhona kuzo zonke izindawo lapho kutholakala khona ulwazi ngomsebenzi wakhe. Akakaze ephumule ekuthekeleni ulwazi lokuqeqesha. Omunye umthelela empumelelweni yakhe ukwazile ukwenza iqembu limthande, abadlali balangazelela ukumdlalela, okuyinto emqoka kakhulu uma ungumqeqeshi,” kusho uTovey, echoma nangokuthi iSafa ihamba yodwa e-Afrika ekukhiqizeni abaqeqeshi besifazane.