ISHIYWA yisitobha esibalulekile iMamelodi Sundowns esethubeni lokudla izicoco ezintathu ngaphambi kokuphela kuka-2018.
ISundowns ingase idle iNedbank Cup, isicoco se-Absa Premiership neCaf Champions League esidlulele esigabeni samaqoqo kuyona. Leli phephandaba lithole ukuthi iSundowns izoqala isizini ka-2018/2019 ngaphandle komdlali wasemuva, * -Anele Ngcongca, ophindela eBelgium okuyilapho edlale khona iminyaka ngaphambi kokujoyina AmaBrazilians.
UNgcongca ofike ngesizini edlule kwiDowns ubeseqala ukuyithola indawo esikimini somqeqeshi uPitso Mosimane ngemuva kokuhlulwa wukulimala.
Ushaye into ecokeme iSundowns ihlula iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili eLoftus Versfeld. Emuva komdlalo uMosimane uthe ubone uNgcongca amaziyo, owakhishelwa imali yiSundowns.
Umthombo weSolezwe okwiSundowns ukuqinisekisile ukuthi uNgcongca ubuyela eBelgium ekupheleni kwesizini. Uzojoyina iCercle Brugge esanda kunyuselwa kwiligi enkulu yakuleliya lizwe. Iqeqeshwa nguFrank Vercauteren obekade eqeqesha uNgcongca kwiGenk kumasizini adlule.
“UNgcongca usevumile ukubuyela eBelgium. Ufunwa ngumqeqeshi obekade esebenza naye kwiGenk. ISundowns useyitshelile futhi angiboni kukhona okuzomvimba. Izingxoxo phakathi kwamaqembu womabili ziyaqhubeka. Angiboni iSundowns izomvimba kwazise iBrugge ifuna ukumthenga,” kusho umthombo.
UNgcongca umiswe kabi nguThapelo Morena emuva kwesokudla. Ungomunye wabadlali ababhaliswe yileli qembu kwiChampions League.
UNgcongca uvumile ukuthi uyakhuluma neBrugge.
“Ngingumuntu okhuluma iqiniso. Ngiyakhuluma neCercle Brugge, ngiyakhuluma nomqeqeshi kodwa ngisenenkontileka. Ungibuzile ukuthi isimo sami simi kanjani, ngamtshela ukuthi ngisalelwe wunyaka onombandela. Kodwa sizokhuluma ekupheleni kwesizini. Angikwazi ukusho manje ukuthi ngizohamba. Kuzoncika kwimenenja yami neqembu. Sizobona ekupheleni kwesizini. Okwamanje kufanele ngigxile kwiSundowns sekusele imidlalo embalwa, kufanele ngizame ukusiza iqembu, siwine iNedbank Cup neligi,” kusho uNgcongca.
“IBelgium iyikhaya lami lesibili, ngazi wonke amakhona akhona. Ngeke ngisho ukuthi ngeke ngibuyele khona kodwa kuzocaca ekupheleni kwesizini ukuthi umqondo wami ungitshela ukuthini nokuthi laba bobabili (umqeqeshi neBrugge) bavumelane neSundowns. Ngikujabulele ukudlala eBelgium, ngeke ngikhononde ngayo ngoba ngiyithanda kakhulu. Kodwa sizobona ekupheleni kwesizini.”
ISundowns ihlalelwe wumthwalo wokubhekana neMaritzburg United emidlalweni emibili ilandelana. NgeSonto la maqembu azodudulana kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngo-3 ntambama. NgoLwesithathu abhekane koweligi.
“Sibhekene neqembu elinzima enkundleni yalo, ngeke kube lula. Kodwa sinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu nabanamava. Lokho kufanele kusisebenzele,” kusho uNgcongca.