BASHAYA amakhala ngesibalo samagoli neligi obekudlala kuyona umgadli omusha weKaizer Chiefs uFlavio Silva odabuka ePortugal yize azalelwa eGuinea-Bissau.
UFlavio (29), iChiefs ehlose ukuqeda ngaye indlala yamagoli, uyibhakuzise amahlandla ayisishiyagalolunye inethi emidlalweni yeligi enkulu yase-Indonesia engu-33 lapho abedlalela khona iPersebaya Surabaya.
Akuyena yedwa uFlavio omenyezelwe yiChiefs njengenduku yayo entsha kepha kukhona noNkanyiso Shinga (25) abamthole kwiFC Alverca no-Ethan Chrislett (26) obegijima kwiPort Vale edlala emazingeni aphansi ebhola lase-England.
Okwenza uFlavio agqame wukuthi izinombolo zakhe zikhomba ukuthi akabukeki njengesixazululo ezinkingeni ezibhekene naleli qembu elihamba kusasa liyoqala ukuzicijela isizini entsha yeBetway Premiership eNetherlands.
“Lona uyinkomo ngimbuka nje, akazi lutho ngebhola,” uSimingaye Nyawo ekhasini leSolezwe le-Facebook.
“Yinkomo uyibuka le,” kunanela uLungile Mamba.
UMdavu Masondo ubhale kwelakhe ukuthi: “Uyabonakala ukuthi bamthole mahhala e-Indonasia lo, akukho lutho.”
UGlody Lilepo oqhamuka ezimpondweni ubambene noWandile Duba ngokushayela iChiefs amagoli ayisihlanu emunye kwiPremiership. Balandelwa ngu-Ashley Du Preez noMduduzi Shabalala ngamane umdlali emunye.
Emidlalweni yeligi ngesizini edlule, iChiefs ishaye amagoli angu-25 emidlalweni engu-28 okuyihlazo uma uqhathanisa nawu-65 ashaywe ompetha, iMamelodi Sundowns.
UFlavio ufika kwiChiefs nje, kunenkinga yabagadli abafika bethwelwe ngeqoma kodwa bagcine bekhonjwa indlela ngoba kubonakala ukuthi kabekho ezingeni elisuke licatshangwa.
Kubona bonke abagadli abake balandwa yiChiefs, akekho oyofika ezingeni likaJasond Gonzalez waseColombia owafika ethwelwe ngeqoma ukuthi uzowaqhulula amagoli kodwa waze wachithwa engakaze ayibhakuzise nakanye inethi.
Namanje basathwala izandla ekhanda abalandeli beChiefs uma ubakhumbuza ngoCaleb Bonfils Bimenyimana kwazise washeshe wadedelwa naye ngoba kucaca ukuthi akasona isixazululo.
Konke lokhu kushiya imibuzo ngabathungathela iChiefs abagadli uma uzokhumbula ukuthi kumanje uChristian Saile obolekisiwe kwiSuperSport United, akayenzelanga lutho.
Baningi abagadli beChiefs okuthi uma kukhulunywa ngabo baswabe abalandeli bayo okukhona kubona uLazarous Kambole waseZambia naye owafika kubhekwe lukhulu kuyena kodwa kwagcina kubonakala ukuthi akukho lutho aluphathele Amakhosi.
Phakathi kwabagadli abashaya udaka kwiChiefs singabala uDavid Zulu, Edward Manqele, Gustavo Paez, Camaldine Abraw, Michelle Katsvairo, Lewis Macha noBongani Ndulula.