UHLALELE ethembeni lokuthi akhona amehlo awathathile uSinethemba “Snebenebe” Ngidi odle isicoco seNedbank Cup neTS Galaxy emangaze abaningi iphoxa iKaizer Chiefs kowamanqamu ngoMgqibelo obuhanjelwe yizinkumbi zabantu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UNgidi ngomunye wabadlali abancane kakhulu kwiGalaxy asebeke bezwa ukudlala esigabeni esikhulu. Ukhulele ezinkulisa zeSuperSport United. Eminyakeni edlule uNgidi usesebenze nabaqeqeshi abanigni abehlukene emaqenjini abebolekiswa yiSuperSport kuwo nasemaqenjini esizwe ezikwati ezincane.
Akafihli ukuthi uyomkhohlwa efile uTim Sukazi ongisihlalo weGalaxy ngokumlanda eseqala ukuphelelwa nayithemba ebholeni kodwa futhi akafihli ukuthi uzibona kumfanele ukudlala esigabeni esikhulu.
“Ngeke ngiqambe amanga ngithi kuyangenelisa lapho ngikhona. Angikusho kabi lokhu futhi uSukazi ngiyomkhohlwa ngifile. Kuhle ukusebenza nabantu abafana naye uSukazi ngoba umuntu uvumelekile ukuphupha. Ngiyazi kunjani ukudlala esigabeni esikhulu futhi ngeke ngakuphika ukuthi isifiso sami wukudlala khona. Kungakuhle kakhulu lokhu uma ngingakwenza neGalaxy kodwa futhi ibhola sonke siyalazi izinto ziyashintsha. Ngineme ngendlela engachazeki kwiGalaxy futhi akekho umuntu engikhuluma naye ngoba ngifuna ukuthola ikhaya elisha. Ngisebenze nabaqeqeshi abaningi asebesebenza ezindaweni ezehlukene. Kwazi bani, mhlawumbe likhona iso engilithathile.”
Akanankinga ngokudlala kwiCAF Confederation Cup abazoyigijima ngoba bedle isicoco seNedbank ngoba useke wadlala khona neSuperSport. Akukhonjiswe wozakwabo bebhekene neqembu elilandelwa kunawo wonke eNingizimu Afrika kumqinise idolo.
“Kunzima ukusho ibanga esingalihamba e-Afrika kodwa iqiniso wukuthi ngeke kube lula. Nginethemba nokho lokuthi singakumela esibhekena nakho ngaphandle ngoba simelene nalokhu ebesibhekene nakho. Ukuzikhandla kozakwethu isizini yonke kukhokhelwe namuhla. Sijabule kakhulu. Sizophumula kancane siphinde sibuyele khona ngethemba lokuthi isikwati ngeke sihlakazeke ukuze sizozama ukudla isicoco seNational Firts Division (NFD) ngonyaka ozayo.