UDINWA eyokukhetha imidlalo kwabadlali bakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, osale edidekile bethelwa isibhaxu yiBaroka emdlalweni we-Absa Premiweship eFNB Stadium,eNasrec, ngoMgqibelo.
IChiefs ihlulwe ngo 1-0 weFree kick ka-Tshediso Patjie ayishaye esiwombeni sesibili. Lo mphumela cishe uqede wonke amathemba abekade esasele kwabaningi okwenza kangcono kwiligi kwaMakhosi kule sizini.
Indlela iChiefs edlale ngayo ibhekene neBaroka ibikade iphansi kakhulu uma kuqhathaniswa nangesikhathi ikhipha iCape Town City kwiNedbank Cup. Lokhu kungenzeka ukuthi kudalwa yingcindezi yokuwina indebe ekubeni kwiPremiership kungasekho abakudlalelayo. Yikhona lokhu okucasule uMiddendorp, wathi kuyinto engavumelekile eqenjini elifana neChiefs.
“Kuyiqiniso ukuthi kungenzeka abadlali sebebheke kwiNedbank Cup kodwa angikweseki lokho. Akwamukelekile ukuthi udlalela ukuzibulala uma udlala owomkhumulajezi kodwa ushaye into ephansi kanjena koweligi. Akufanele kube yindlela esenza ngayo izinto. Akuyona into esifuna ukuyibona njengeqembu. Yimina ohola ithimba labaqeqeshi, ngebhadi angikwazi ukuyiphika. Abadlali ababodwa, indlela eyodwa yokudlala. Emuva kwezinsuku eziyisithupha... Yini eshodayo? Sithole isikhathi esanele sokuphumula. Asikho isizathu. Ngibonile phakathi nesonto, sikhulume kakhulu ngakho,” kusho uMiddendorp.
“Ngiyabazi laba badlali. Kukhona ukuzithwala (ngenxa yokuwina kwiCity). Usemkhulu umsebenzi okufanele siwenze. Kodwa akungimangazi. Ngiyazi ukuthi kukhona okushodayo ekutheni siwine kulandelana. Ngikubona zonke izinsuku futhi bengivele ngikhathazekile ngakho. Ngikushilo ngesonto eledlule ukuthi uma singazimisele ukuza ngomqondo ofanayo kulo mdlalo ngeke siwuwine. Ngikucacisile ngoLwesine. Awukwenzi lokho uma ubona ukuthi akukho okungenzeka. Sibamisile ukuziqeqesha sathi akuyona indlela esisebenza ngayo, akuyona indlela esingalungiselela ngayo umdlalo lena.”
IChiefs isalelwe yimidlalo eyisihlanu yokuzama okungenani ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni weCAF ngesizini ezayo. Izolwela amaphuzu agcwele uma isivakashele iBlack Leopards eThohoyandou Stadium ngoMgqibelo ntambama.
UMiddendorp ovele usejwayele ukushintshanisa abadlali, usikaza ukunika abanye ithuba koweLeopards.
“Kufana nokuba nonyanyavu lwemoto kodwa ushode ngophethroli. Sinemoto enhle edumile kodwa uma uphethroli ungekho akwanele. Yilokho engikubonayo. Kuyakhathaza. Mhlampe ngesonto elizayo kufanele sifake abanye abadlali. Mhlampe akufanele sidlalise abadlali ababodwa emidlalweni ilandelana,” kusho uMiddendorp.