UTENDAI “Fire” Ndoro, umgadli weHighlands Park, uveza okwenza angabi nokhwantalala yize esagqoza amagoli akholwa wukuthi ukuwashaya kuzomsiza ukubumba kabusha ikusasa lakhe kunobhutshuzwayo.
UNdoro (33) usayine kwiHighlands ngoSepthemba ngemuva kwezingxoxo ezithathe isikhathi eside kucaca ukuthi iLions of the North izama ukuqikelela ukungazinembi ngotaku olufana nolwe-Ajax Cape Town yona ukusayinisa lo mgadli okuyidlise ngezembe kwi-Absa Premiership.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngoMgqibelo uNdoro uthe “Yonke into eyenzekile, sengiyidlulisile. Angisayicabangi ngisho ukuyicabanga (iNdorogate - esolwa ngokudlalela amaqembu amathathu ngesizini eyodwa). Ngiyayibonga kakhulu iHighlands Park ngokunginika ithuba sengiphenduke unuka ngilahle. Ngifisa ukuwubumba kabusha umsizilo wami kunobhutshuzwayo. Lokho ngifisa ukukwenza kuyo iHighlands Park.”
UNdoro usayine inkontileka yonyaka nesigamu kwiHighlands esisalelwe yimidlalo engu-11 kwiPremiership kule sizini.
Yize ekhuluma kanje lo mgadli kodwa uthi okumenza angabi nokhwantalala wukuthi “Enkontilekeni engiyisayinile ngizitshelile ukuthi ngisabuyela nje ebholeni, ngizame ukujabulela ukugadula enkundleni, ubumnandi bebhola (esho imbulunga uqobo) nokuthakaselwa ngabalandeli. Nginobudlelwano obuhle nozakwethu, abaqeqeshi, izikhulu ngisho nabalandeli beqembu. Ngifisa ukubamisa idolo ukuthi iqembu sizolisiza lizinze kwiPremiership,” kusho uNdoro.
Ngaleso sikhathi esinye sezikhulu zeHighlands sacashunwa silimisa ngembaba elokuthi silindele amagoli asondele kwangu-15 kuNdoro. Empeleni sasingakungabazi ukuthi uzowaqhulula amagoli umgadli waseZimbabwe.
Ngenyanga kucashunwe umqeqeshi wakhe, * -Owen Da Gama, ethi uma eke wayiqala inethi uNdoro kuyosala kukhalwa.
Impendulo kaNdoro kulokhu:
“Angisebenzi ngemigomo (ama-target) kodwa ngiyilo mdlali okholelwa ekungeneni enkundleni enze umsebenzi nje kuphela. Ngiseqenjini okudlalwa khona ibhola elihlukile. Uma ungumdlali webhola elikhokhelayo kuyenzeka kwesinye isikhathi udinge isikhashana ukungena khaxa esitayeleni seqembu okulo. Uma usungenile kuyazibonakalela,”kusho uNdoro.
Lo mgadli, oke wayibamba kwiMpumalanga Black Aces ne-Orlando Pirates, ubalwa kubadlali ababheke izindawo ezikwatini eziya kwi-2019 Africa Cup of Nations ese-Egypt ngoJuni.
IHighlands ikunombolo-10 kwi-log kanti namuhla isingatha iBidvest Wits eMakhulong Stadium ngo-3.30 ntambama.