UHAROLD Ndlovu obevimbela iPolokwane City kuthiwa ufunwa yiHighlands Park neStellenbosch FC Isithombe: BACKPAGEPIX
UFUNWA ngamaqembu amabili adlala kwi-Absa Premiership unozinti ohambe kwiPolokwane City kungasabhekwana.

Isolezwe lihoshe ukuthi uHerold Ndlovu ugaqelwe yiHighlands Park neStellenbosch FC engomakoti kulesi sigaba.

Ngokusho kumthombo osondelene nalo mdlali iMSC Sports okuyinkampani ephethe izindaba zakhe, seyike yaba nemihlangano nala maqembu. Kulindeleke ukuthi izingxoxo ziphothulwe ngesonto elizayo.

Kwisizini edlule kusongwe ezintini zeStellenbosch kukhonya uLee Langeveld ovimbe emidlalweni ewu-27. Kukhona noDaykan Hawes ovimbe emithathu yeligi nowodwa weNedbank Cup. UKeegan Pool akakaze adlale nakowodwa.

KwiHighlands kukhona uTapuwa Kapini odlale eyeligi ewu-15 nowodwa weTelkom Knockout. Kuboshelwe noMarlon Heugh naye okubukeka engazibekile phansi.

Usedlale imidlalo ewu-15 yeligi nemibili yeNedbank. UKyle Peters, obedlala kwiWits ngaphambi kukojoyina iThe Lions of the North, ijezi ulizwa ngendaba.

“Nakuba iHighands itshengia ukumfuna uNdlovu kodwa neStellenbosch ayizibekile phansi ngokufuna ukumsayinisa. Kuwona womabili la maqembu kulindeleke ukuthi kucace ngesonto elizayo. UNdlovu kubukeka enganankinga ngawo womabili,” kubeka umthombo.

Umthombo ubuye waveza nokuthi inkampani ephethe izindaba zikaNdlovu imzamele umsebenzi nakwiBaroka FC.

Kuthintwa uNdlovu ukuqinisekisile ukuthi kunamaqembu amfunayo kodwa wala waphetha ukudalula amagama awo.

Uthe makuthintwe inkampani ephethe izindaba zakhe.

Imizamo yokuthola uJohn Wilson weMSC Sports kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungabanjwa. U-Owen Da Gama, oqeqesha iHighlands, uthe ubengakatshelwa yizikhulu zeqembu ngoNdlovu. Uveze ukuthi bakhona abadlali abazokwethulwa yiqembu ngokusemthethweni maduze.

UNdlovu, oneziqu ze-Information Techonology (IT) azithola e-University of Limpopo, uhambe kwiRise and Shine sekukubi. Ubekhala ngaleli qembu ngokungamnyuseli umholo ngo-10 wamaphesenti njalo uma kuqala isizini njengoba kwakuvunyelwene esayina ngoJulayi 2015.

Udaba ulufake kwiSouth Africa Football Players Union (Safpu) yona elidlulisele kwiPSL Dispute Resolution Chamber (DRC). I-DRC inike lo nozinti wasePhalaborwa igunya lokuhamba maqede yayalela iRise and Shine ukuthi iphinde imnike uR50 000 wokumsula izinyembezi.

Lo nozinti ugcine ukuba ezintini zaleli qembu ngoDisemba wanyakenye azakhe zibambana ngo-2-2 neChippa United.

Leli phephandaba libuye lathola ukuthi iPolokwane ngesonto eledlule ibuye yachithwa iPSL kade ifuna ukudlulisa icala. Beyigoloza nephepha elikhulula umdlali nokumkhokhela.

Uma uNdlovu egcina ngokusayina kwiHighlands uzolandela uRodney Ramagalela naye ohambe kwiRise and Shine kungasabhekwana.