UKUDLALELA iBafana Bafana kufana nokuphuza isobho uma ukuqhathanisa nobunzima bokubhekana namaqembu adlala kwi-English Championship.
Lawa amazwi kaKamohelo Mokotjo osethubeni lokuthola ijezi kwiBafana njengoba izotholana phezulu neLibya kowamaqoqo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba ngonyaka ozayo eCameroon.
UMokotjo weBrentford usekwisizini yakhe yesibili esigabeni esiphakela iligi ethathwa njengenzima nenkulu kunawo wonke emhlabeni i-English Premiership. Udlale kahle ngesizini yakhe yokuqala lapho efike khona esuka kwiFC Twente yaseNetherlands.
Kule sizini kubukeka kuzohamba kahle kakhulu kwazise useyidlale yonke eyokuqala eyisithupha. Kuhlokome iNingizimu Afrika yonke ngeledlule ngesikhathi iBrentford imgixabeza ngebhande lobukaputeni. Eziphawulela yena ngalokhu uthe uzizwa ekhethekile kodwa futhi kuwubufakazi bokuthi ungumholi ngoba konke lapho ehamba khona uyanikwa ibhande.
“Iqisiso elimsulwa nje ukuthi kunzima lapho ngidlala khona. Kunzima ngezindlela nangezizathu eziningi. Kuba lula konke uma ngiseqenjini lesizwe ngoba kugcwele abadlali abayiqonda kahle indlela engikwazi ukudlala ngayo ibhola. Uma ngikwiBafana kulula nokuhlelela umdlalo ngoba sisuke sikwenza lokhu ngomqondo ofanayo futhi sifuna nento efanayo hhayi ngokomsebenzi kepha ngokwenhliziyo yokwazi ukuthi yizwe lakho leli.
“Konke kubuyela ebunzimeni uma sekufanele ngibuyele kwiBrentford. Okwami nje, ukuzama ukuthi ngingaxhumanisi izinto ezingaxhumani. Uma ngikwiBafana ngicabange njengomuntu waseNingizimu Afrika bese kuthi uma sengibuyele e-England ngicabange futhi ngiziphathise okomuntu osemsebenzini,” kusho uMokotjo.
Mayelana nobukaputeni, uthe kumjabulise kakhulu lokhu. Uthe utshelwe ukuthi ungowesine kuphela ukuhola iBrentford kwabangebona abokuzalwa e-England.
“Kusho lukhulu kimina lokhu ngoba kuyangacacisela ukuthi ngingawafeza wonke amaphupho ami uma ngizoqhubeka nokukuvumela ukuba wumholi ngoba kuyacaca ukuthi ngiyiphiwe le nto,” kusho yena sakuchoma.
Mayelana nomdlalo uMokotjo uthe kufanele bonke baqinisekise ukuthi benza lokhu abatshelwe khona hhayi okunye ngoba uma bengenzi njalo izwe lizophinde liphoxeke.
“Asinalo ithuba lokucasha ngesithupha noma umunwe siwukhombe ekutheni silinyalelwe abadlali. Izwe linabadlali abenele ngakho-ke kubalulekile ukuthi thina esiba nenhlanhla yokukhethwa siyakukhumbula ngaso sonke isikhathi lokhu futhi akusenzi sizibone singcono kunabanye.”
Lo mdlali okuhlale kukhalwa ngaye ebizwa emaqenjini esizwe kodwa angadlaliswa usethubeni lokuzibonakalisa kulokhu njengoba iBafana ihlaselwe ukulinyalelwa kwabadlali, ikakhulukazi abasesiswini.