Black Leopards (0) 1
Orlando Pirates (1) 2
KUBUKWE uThamsanqa Gabuza i-Orlando Pirates idlala neBlack Leopards, emdlalweni we-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, izolo ebusuku.
UGabuza ushwebe inqwaba yamathuba, okugcine ngokumqhatha nezihlwele zimuhhewula zimfuma ephumile enkundleni.
Umnyakazo kaGabuza wokugcina ube ngomzuzu ka-33, ngesikhathi akha ithuba eligcine liholele ekungeneni kwegoli umkhonto ugwaze ekhaya kuThivhavhudzi Ndou oyisitobha seLeopards. Ngemuva kwalokho lo mgadli uphonse ijezi kubalandeli beZimnyama, washaya izandla sakubhuqa obekukhombisa ukuhluthukela.
Kube yilapho-ke umqeqeshi wePirates uMilutin “Micho” Srodojevic ezame khona ukungenelela ekhuza uGabuza kodwa kwahlanga zimuka nomoya, wanyamalala wangena ezindlini zolushintshela. Uzamile ukubuya ebhandishe idolo uGabuza ngesiwombe sesibili ekhombisa ukulimala njengoba kade exhugela kodwa unompempe wamhlaba ngekhadi elibomvu.
Igoli lesibili lesibili leZimnyama lishaywe uVincent Pule ngesiwombe sesibili. Igoli leLeopards lishaywe uJoseph Mhlongo esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili odonse ugesi walizwa ngendaba uSiyabonga Mpontshane emapalini ePirates.
IPirates ikhombise zisuka ukuthi ayizile ukuzosinisa amahleza njengoba kuthe umdlalo unamanenjana uqalile, uPule wathola uqekelele wabhekana nonozinti weLidodha Duvha uRotshidzwa Muleka ngemuva kokukhahlela kukaLinda Mntambo kodwa uMuleka umgeze ubebebe uPule.
UPaseka Mako we-Orlando Pirates ebanga ibhola noMarks Munyai weBlack Leopards emdlalweni wala maqembu ku-Absa Premiership obusePeter Mokaba Stadium, Polokwane, izolo ebusuku
Kube sekubukwa uGabuza ngemuva kwalokho othole inqwaba yamathuba kodwa kwacaca ukuthi inhlanhla ayikho njengoba ebeshweba eshwebile. Kuqale ngomzuzu wesithupha uPaseka Mako ehluleka ukuvala ibhola, lahlangana noGabuza wageja.
Ngemuva kwemizuzu emine kumphindile lokho uGabuza ephaselwa uPule, ethi hlaba udle kodwa wahluleka uGabuza. Kube yilapho-ke abalandeli beqale khona ukushwiba izandla, bethi akaphume uGabuza.
Ngomzuzu ka-24 uGabuza udlaliswe kabi endaweni eyingozi, yathola i-free kick iPirates kodwa uPule wayibeka phezu kwamapali. Ngendlela ebezimphika ngayo izinto uGabuza ubungafunga bamloyile njengoba ethole amathuba amane emizuzwini ewu-17 kodwa lutho ukubhakuzisa inethi ngaphambi kokuthi azikhiphe enkundleni.
Esiwombeni sesibili iBhakabhaka liqhubeke lapho ligcine khona nakuba belingasaphelele. Ngomzuzu ka-64 uXola Mlambo oshaya into ecokeme esiswini seBhakabhaka uphase uswidi wodwa ohlangane noPule walibeka enethini.