UKHOMBISE izimpawu zokungayigqizi qakala eyokulahla amaphuzu amabili amqoka umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic kodwa wachoma uphaphe lwegwalagwala iHighlands Park ayichaze njengeqembu elisazomangaza abaningi.
Kulo mdlalo ophele zibambene ngo 2-2 eMakhulong Stadium ngoMgqibelo ebusuku, iPirates ibuye kabili ekulandeleni ngemuva bebhokile abafana baka-Owen Da Gama. Ukulahla kweBucs la maphuzu kwenze yasala ngamahlanu kwiBidvest Wits okuyiyona ezihola phambili kwi-log.
“Lo mdlalo ubunzima kakhulu kithina. Ngicabanga ukuthi iHighlands Park iphinde yakhombisa wonke amaqembu ePremiership ukuthi kufanele ulungele impi uma uzodlala nayo. Sikuzwile-ke nathi lokhu. Ngaphandle kokudlala ibhola bayalwa. Ngalokhu angisho ukuthi badlala kabi kepha bahlangene futhi bafana nathi (ngandlela thize) bazimisele ngaso sonke isikhathi ukufela enkundleni. Ngeke nangengozi ngikhale ngamaphuzu alahlekile ngoba besingabuyela ekhaya sishwiba izandla,” usho kanje uMicho.
Akukhalisi kangako ukulahla amaphuzu uma ubhekene neqembu elingagcini ngokulwa kodwa olibonayo ukuthi liqeqeshwe ngendlela. Lokhu kushiwo uMicho eqhubeka echaza ngakubonile emdlalweni.
“Ngesikhathi sizitshela ukuthi sibacindezele yilapho abebevele bavuke khona indlobane. Womabili amagoli abawashayile bekukade kuyithina esiyingozi. Yithina esishaya kanjalo abantu kodwa-ke lokhu kukhombisa umsebenzi omuhle owenziwa abaqeqeshi kwiLions of the North. Kungenze ngazishaya isifuba ukuthi sibuye amahlandla amabili sibhekene nobunzima obufana nalobu ebesibhekene nabo,” uqhube kanje lo mqeqeshi waseSerbia odlala neChippa United kolandelayo.
UMQEQESHI weHighlands Park u-Owen da Gama ubukeka enza umsebenzi omuhle eqenjini njengoba lisanda kunyukela kwi-Absa Premiership Isithombe: BACKPAGEPIX
UDa Gama obemamatheka ngaso sonke isikhathi utshele abezindaba ngemuva kwalo mdlalo ukuthi abebekuhlelile ukuyixina ngaso sonke isikhathi iPirates ngoba akukho okunye ongakwenza uma ubhekene nayo.
“Singene enkundleni sihlelile ukuthi akukho okunye ngaphandle kokubaxina. Nangempela abafana bami bahlala kulokhu ebesikuhlelile. Ngeke ulokhu uzithambisa uma ubhekene nePirates ngoba iphethe bonke abadlali beqophelo abakhona kuleli nabangaphandle. Ngihlatshwe kakhulu umxhwele ukungesabi kwabadlali bami. Amaqembu amaningi athi engena enkundleni abe eseshayiwe ngoba ebuka amagama abadlali kodwa ezami zikhombise ukungakwesabi nakancane lokho. Sidlale ngendlela yethu futhi ngeneme kakhulu ngaleli phuzu,” kusho uDa Gama.