Ezemidlalo

UNcikazi weluleka iPirates ngokuziba imakethe yabadlali

Mthokozisi Mncuseni|Published

URELEBOHILE Mofokeng owubufakazi be-Orlando Pirates nokunotha ngabadlali beqophelo ezinkulisa zayo okufakazela okushiwo uMandla Ncikazi

Image: BACKPAGEPIX

IBAMBA lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, liluleke abaphathi beqembu ngokuthi bengazihluphi ngokubheka emakethe yabadlali ngenhloso yokuqinisa isikwati ngoba buphambi kwabo ubufakazi bokuthi izinkulisa ziyikusasa leZimnyama. 

UNcikazi ubekhuluma esithangami nabezindaba ngemuva komdlalo iPirates ebambane kuwona ngo 1-1 neMagesi FC ngoLwesithathu e-Orlando Stadium, eSoweto.

Kuningi akhulume ngakho lo mqeqeshi owine kanye emidlalweni emine abanjiswe yona kusukela kuhambe uJose Riveiro kodwa ubegxile kakhulu ekuzishayeni kwabo isifuba ngesizini ka-2024/2025. Ngaphansi kukaNcikazi, iPirates ibambane neTS Galaxy (1-1), yehlula iSuperSport United (1-0), yacosha iphuzu kuMaZulu (1-1) ngaphambi kokubanjwa yiMagesi.

Nakuba iPirates inconywa ngokukhiqiza abafana abafika esikimini esikhulu bangene khaxa kodwa ukhona nomuzwa wokuthi lokhu kube nomthelela ekutheni ingalihambi lonke ibanga kwiCaf Champions League nakwiBetway Premiership.

EZimnyama zigxekwe kakhulu ngabalandeli nayizingqapheli ngokungaliqinisi iqembu ngokusayinisa abadlali ngesikhathi kuvulwe iwindi ngoJanuwari. 

“Ngiyabethemba ubuholi bePirates ngakho-ke akungikhathazi ukuthi sebebaningi kakhulu abadlali abasebancane esikimini esikhulu,” kusho uNcikazi.

“Bonke basesikimini esikhulu ngoba kubafanele. Ukube abekho ezingeni ngabe amagama abo awaveli kwamenyezelwa ngumqeqeshi weqembu lesizwe.

“Kusobala ukuthi ukuthembela ezinkulisa kuyasebenza futhi asikho isidingo sokuthi iPirates ingene ephaketheni ngoba abadlali inabo futhi baningi.

“Sikuphi isidingo sokukhokha izindodla ulande umdlali oseqeqeshwe yinqwaba yabaqeqeshi abacabanga ngezindlela ezahlukene?

“Yini osengayifundisa lowo mdlali? Ngibona kuwumqondo ophusile ukukhulisa bona laba bafana ngoba ithalente likhona kanti nendlela esifuna ukudlala ngayo idinga umdlandla okuyinto abasenayo ngoba basebancane.

“Ngaphezu kwalokhu basenethuba lokukhula babe ngcono kakhulu kunalokhu abayikhona manje."

NgoLwesithathu, iPirates ivalelise ukaputeni, u-Innocent Maela, okuvela ukuthi uzonikwa umsebenzi ngaphakathi eqenjini. Omunye umdlali okuqinisekisiwe ukuthi uyayishiya iPirates yintandokazi yabalandeli, uMiguel Timm, engeke ivuselelwe inkontileka yakhe uma iphela ngenyanga ezayo. 

“UMaela uyohlala ebalwa nezinkakha zePirates ngendlela aziphathe ngayo ngisho ijezi limeqa ekhona. Ukuziphatha kwakhe kumcijele isahluko esilandelayo empilweni yakhe.

“Ikusasa lakhe liqhakazile ngaphandle kwenkundla ngoba uwuhlobo lwabantu abadingekayo ukwakha imiphakathi engcono,” kusho uNcikazi.