ASIKHO isikhathi esingcono sokubhekana neKaizer Chiefs ukwedlula lesi esamanje kwazise izinto aziyihambeli kahle kuyona yonke imiqhudelwano.
Lawa amazwi ephini lomqeqeshi kwiLamontville Golden Arrows uMandla Ncikazi ozwakalise enkulu inhlonipho kuleli qembu abazobhekana nalo ngoMgqibelo ngo-6 ntambama kwi-Absa Premiership, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Akekho umqeqeshi othwele kanzima njengoSolinas kwiPremiership kulezi zinsuku. Akukhona kuphela ukuthi emidlalweni eyisishiyagalombili edlule kuyona yonke imiqhudelwano usaphumelele ukunqoba emibili kepha kuleyo midlalo kukhona nesibhaxu esivela kwi-Orlando Pirates (esimphinde kabili esikhathini esingaphansi kwenyanga).
Nakuba isimo sikanje kwiChiefs kodwa uNcikazi ukholelwa ekutheni iseyiqembu elikhulu kuleli futhi kufanele njalo ithathwe kanjalo.
“Siya kulo mdlalo sinezinkinga ngokulinyalelwa inqwaba yabadlali abamqoka. Ngendlela ababaningi ngayo asazi ukuthi kufanele sithatheni sihlanganise nani. Akusona isimo esikahle ukuhlelela iqembu elikhulu njengeChiefs uma uxhugela kwawena,” usho kanje lo mqeqeshi.
Nakuba bebhekene nezinkinga ngokulinyalelwa abadlali abamqoka njengoDanny Phiri, Devine Lunga noZolani Nkombelo, uNcikazi ubheke kakhulu ukuthi iChiefs izokwenzenjani emdlalweni wayo weCAF Confederation Cup kusasa. Kulowo mdlalo iChiefs ivakashelwe yiZimamoto FC yaseZanzibar. IChiefs iqome ukuwususa eGoli yawuyisa ePort Elizabeth lo mdlalo womlenze wokuqala.
“Konke kulele ekutheni bazodlala kanjani kwiCAF. Uma bedlale kahle banqoba lokho kungaba enkulu inkinga kithina ngoba uSolinas uzosebenzisa lokho ukubakhuthaza abadlali. Uma bengakhala ngaphansi, lokhu kuzobe kunika thina ithuba lokuthi sithole umphumela oncomekayo kwazise namakhanda abo azobe ebheke phansi. Iphutha elikhulu esingalenza ukuthi sibuke kakhulu imiphumela yakamuva yeChiefs bese siyiyela ngobuso. Abadlali ababoshelwe kuleliya qembu abeqophelo eliphezulu ngakho-ke kumqoka ukuthi abadlali sihlale njalo sibakhumbuza lokho,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
UNcikazi uthe kungcono kakhulu njengoba iChiefs bezoyivalela eMagogo ngoba uma uyiyisa eMoses Mabhida usuke uyiweza kwazise ilandelwa inqwaba yabantu kanti futhi le nkundla yaseThekwini ifana nekhaya kwiChiefs.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Mariztburg United v Chippa United (Harry Gwala Stadium, 7.30pm); Namuhla: Highlands Park v AmaZulu (Makhulong Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Cape Town City (New Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)
Kusasa: Bloemfontein Celtic v SuperSport United (Dr Molemela Stadium, 7.30pm); Black Leopards v Mamelodi Sundowns (New Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)
NgoLwesihlanu: Chippa United v AmaZulu (Nelson Mandela Stadium, 8pm)