UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, akeneme ngabezindaba
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usole abezindaba ngokudunga ikhempu yaMakhosi ngesikhathi ematasa nemibhiyozo yokuqeda indlala yeminyaka ngeNedbank Cup.
IChiefs efike ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ishayela phezulu kulandela ukudla umhlanganiso kwiKe Yona, iphoxile ngesikhathi ibuya nephuzu kwiSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership ebikaze isilandela ngemuva kuwona ophele ngo 1-1 ngoMgqibelo.
Lo mphumela ushiye iChiefs ngaphandle kwe-Top 8 kwi-log yize isenalo ithuba ngomdlalo wokusonga isizini ngoMgqibelo ozayo, nePolokwane City e-FNB Stadium, eNasrec.
Inkinga ngalesi simo wukuthi akusekho ezandleni zeChiefs ukuthi iqede kwi-Top 8 kule sizini, kwazise izothembela nasekutheni eminye imiphumela iyivune njengoba kwenzekile ngoMgqibelo.
Iphuzu elingatholwa yiChiefs kowePolokwane lingayifaka kwi-Top 8 kodwa lokhu kudinga ukuthi iMarumo Gallants ingawini kowokugcina ezowudla neMagesi FC.
Ngabe kukhulunywa okunye ukuba awinile angempelasonto edlule amaqembu okukhona kuwona iLamontville Golden Arrows, SuperSport United neChippa United.
Nakuba uNabi ekuqonda konke lokhu nokuthi iPolokwane izoba nzima kangakanani kodwa inkinga enkulu abhekene nayo ngokusho kwakhe, wukufaka kwabezindaba unyawo lwedada ezindabeni okufanele ngabe ezangaphakathi kwiChiefs.
“Ngizishaya isifuba ngendlela abadlali abazame ngayo kulo mdlalo yize bekuyisonto elinzima kubona ngezindlela ezahlukene,” kusho uNabi esithangamini nabezindaba.
“Bekunzima kubadlali ukuthi babuyele kwamhlaba ngemuva kwemibhiyozo ngoba bekumqoka ukulungiselela ukubhekana neSekhukhune.
“Inkinga engibenayo abezindaba nemibuzo yabo ngekusasa lami okuyinto engingacabangi ukuthi kufanele kugxilwe kuyona ngoba izivumelwano phakathi kwabantu abathile.
“Ngiyazihlonipha izintatheli, yingakho ngicela ukuthi nazo zingihloniphe ngendlela efanayo. Kungani yonke indawo kufanele kubhalwe ngongabazane ngekusasa lami?
“Kuyaphoxa lokhu ngoba bekona imibhiyozo yeChiefs. Ngaphandle kwalokho, kudunga nemiqondo yabadlali. Kumanje i-Afrika yonke iyangifonela ngoba abantu bacabanga ukuthi angiseyena umqeqeshi weChiefs."
Lo mqeqeshi waseTunisia akalilahlile ithemba ngokuqeda kweChiefs kwi-Top 8 yize ekuqonda ukuthi akukho ezandleni zaleli qembu laseNaturena.
“Sidlale ngaphandle kwezitobha ebhentshini ngakho-ke ngikholwa wukuthi kowokugcina kunabadlali abazobe sebebuyile ekulimaleni nasezigwebeni zamakhadi.
“Sinawo amava okunqoba umdlalo wokugcina bese siyalinda sibone ukuthi lokho kusibeka kuphi,” kusho uNabi.