UMGIJIMI wakuleli uHenricho Bruntjies uncoma ukusungulwa kwe-Africa Athletics League okulindeleke ibanjwe seMgungundlovu okokuqala ngempelasonto.
Lo mqhudelwano uzodlalelwa enkundleni entsha yezokugijima uMsunduzi Athletics Stadium ngoMgqibelo. Kuzobe kungokokuqala isetshenziswa njengoba yakhiwe ngemali elinganiselwa kuR91 million.
UBruntjies oyibamba kwi-100m ungomunye wabagijimi abaphezulu abaqokwe njengamanxusa alo mqhudelwano we-Confederation of African Athletics (CAA) Southern Region. “Le midlalo isho ukuthi liqhakazile ikusasa lezokugijima e-Afrika. Ngisho abagijimi abebebona kukude ukuyoncintisana emazweni ase-Europe sebezothola ithuba lokuba nemidlalo esezingeni eliphezulu efuze eye-IAAF Diamond League,” kusho uBruntjies ongomunye wabagijimi abaphambili kuleli kwi-100m.
UBruntjies uthe indlela achazeke ngayo ngenkundla yaseMgugundlovu angajabula uma engathola ithuba lokuyisebenzisa ukulungiselela isizini entsha yezokugijima eqala ngonyaka ozayo.
Abagijimi emhlabeni wonke kule minyaka emibili ezayo bazobe belwela ukuyomela amazwe abo kwi-IAAF World Championship eDoha ngonyaka ozayo, nakuma-Olympic ngo-2020 eTokyo.
“Iminyaka emibili ezayo isemqoka kakhulu kimina. Kuzomele ngiyihlelele kahle futhi ngingajabula uma ngingathola ithuba lokuziqeqesha kule nkundla. Ngifuna ukuya kuma-Olympic. Ngifuna ukubuya nendondo,” kusho uBruntjies.
Khonamanjalo kungenzeka iphazamiseke i-Africa League njengoba kuke kwanemibiko yokuthi iKwaZulu-Natal Athletics ifuna ukuyimisa njengoba inezinhlelo zokulufaka enkantolo udaba lwayo. Izolo kuvele ukuthi iwafakile lawo maphepha.
USifiso cele obambe kwezokuxhumana kwi-CAA Southern Region uthe: “Sisalinde ukululekwa ngalolu daba. Inkampani ehlela umqhudelwano iyona ebhekene nalo.”
Ngesikhathi kwethulwa imidlalo, uMunya Muraire oyisikhulu esiphezulu se-WWW Group engabahleli, uthe: “Siyalwazi lolo daba luphethwe abammeli bethu abakhuluma nababo. Imidlalo izoqhubeka njengoba kuhleliwe.”
Imizamo yokuthola uMuraire izolo ayiphumelelanga.