UMGADLI weKaizer Chiefs, uRyan Moon, ubalula ukubaluleka kokugwema ukuzikhukhumeza njengoba izinto sezimhambela kahle kuleli qembu ngoba ebuswa wukuthi kusengashabalala.
UMoon, waseMgugundlovu, usephenduke umsindisi waMakhosi kusukela kuqale u-2018.
Useshaye amagoli amane. Lokhu sekuholele ekutheni iChiefs ingahlulwa kulo nyaka. Nakuba iningi selibheke ukuthi uMoon aphenduke omunye wabashayimagoli abazifake emlandweni waMakhosi okukhona kubona uFani Madida, Marks Maponyane noCollins Mbesuma kodwa yena ukholwa wukuthi kuseva lokho.
Emasontweni adlule ucashunwe ethi ufuna ukuphula irekhodi likaMaponyane lamagoli angu-85 awashaye eminyakeni engu-10 eyibamba kuleli qembu laseNaturena.
“Angifuni ukuzifaka ingcindezi ngokuthi ngifuna ukushaya amagoli umdlalo nomdlalo. Kubalulekile ukwazi ukuthi ngiyakwazi ukushaya amagoli. Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi ngiqhubeke nokusebenza kanzima. Ukuba nabadlali abanamava abafana noShabba (Siphiwe Tshabalala) kwenza izinto zibe lula ngoba bayangeseka futhi bangigcina ngizithobile,” kusho uMoon.
“Kulula ukushaya amagoli amathathu noma amane kodwa futhi kungavele kugcine lapho uma usuziphakamisa. Kumnandi ukushaya amagoli kodwa ngisemncane, kusekuningi okusafanele ngikufunde futhi kudingeka ngikuvumele lokho, ngilalele abadlali abanamava. Ngizimisele ukuqhubeka nokushayela iqembu amagoli nokulisiza. Kuhle ukubizwa ngomsindisi weChiefs kodwa lokho akusho ukuthi kufanele kungingene ekhanda. Iphupho lami wukuyodlala phesheya. Kufanele ngizithobe.”
UMoon usayine kwiChiefs ngo-2016 esuka kwiMaritzburg United ayesebenza kuyona noKomphela.
Ungomunye wabadlali abambalwa abebedlala eqenjini leMultichoice Diski Challenge leTeam of Choice abasala ngesikhathi owayengumqeqeshi u-Ernst Middendorp evala ngehlahla eMphithi.
ENaturena uMoon, oshaye iningi lamagoli akhe ngamabhola awaphakelwa nguTshabalala, usephenduke isithandwa sabalandeli.
Emuva kokushaya igoli ngempelasonto edlule ngesikhathi iChiefs ikhipha iLamontville Golden Arrows, ujabule njengomgadli uBernard Parker ojwayele ukuthintitha endololwaneni.
“Konke kuncike ekusebenzeni kanzima, ukhombise ejimini ongakwenza. Indlela oziqeqesha ngayo yindlela odlala ngayo. Ngisondelene kakhulu noParker. Ngilalela okuningi angitshela khona ngoba yena usedlale ezingeni eliphezulu isikhathi eside. Ngiyamlalela kakhulu mayelana nokuthi kufanele ngibe kuphi enkundleni,” kusho uMoon.
“Ngichitha isikhathi eside noShabba ejimini. Ngiyamfunda ukuthi amabhola akhe ajwayele ukuwela kuphi. Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuhlaziya ozakwenu. Esikwenzayo naye kuqala ejimini.”