UMWAPE Musonda ohambe phambili ngamagoli amaningi kwi-Absa Premiership ngesizini ka-2018/2019 usebheke ukwephula irekhodi lomkhaya wakhe uCollins “Ntofo-Nfofo” Mbesuma owashaya amagoli awu-25 ngesizini eyodwa.
Lo mgadli weBlack Leopards, ugoduke nomklomelo womdlali ovelele ngamagoli awu-16 asize iLidoda Duvha ukugcina indawo yayo esigabeni esiphezulu ebholeni lakuleli.
UMusonda, odabuka eZambia uthe umhlonipha kakhulu uMbesuma futhi uthatha nakuyena izeluleko.
UMbesuma washaya amagoli awu-25 edlalela iKaizer Chiefs ngesizini ka-2004/2005. Lelo rekhodi lisamile namanje njengamagoli amaningi aseke ashaywa ngesizini eyodwa kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/97.
Eminyakeni eyalandela uSiyabonga Nomvethe, oseke wafinyelela kumagoli awu-20 akwenza neMoroka Swallows ngo-2012/2013. Kusukela lapho kudlule amasizini ayisikhombisa abagadli behluleka wukushaya amagoli afinyelela ku-15. Ngesizini edlule uPercy Tau uthathe umklomelo ngamagoli awu-11, kungaqali ngaye.
“Ngiyamhlonipha kakhulu uMbesuma. Ukushaya amagoli awu-25 yinto enkulu okumele wonke umgadli afise ukuyenza. Ilona irekhodi okumele liphulwe,” kusho uMusonda.
Uthe uMbesuma oseyibamba kwiMaccabi FC kwiNational First Division nguyena omsizile ekutheni abe yilo mgadli awuye.
“Ngakhuluma naye wangitshela ukuthi ukhiye wukuthi ngihlale ebhokisini. Ngikwenzile lokho ngathola amagoli awu-16. Ukube bengikwazi ukuwasebenzisa wonke amathuba mhlawumbe ngabe sikhuluma ngawo amagoli awu-25 kuyimanje,” kuchaza uMusonda owafikela kwi-Orlando Pirates eqala ukuzodlala kwi-Absa Premiership ngo-2016.
Kodwa akazange akwazi ukuthola ijezi kuleli qembu laseSoweto, wadlulela kwiLamontville Golden Arrows. Manje eseyibamba kwiLeopards asehlale kuyona amasizini amathathu.
Akafunanga ukusho ukuthi akhona amaqembu asemthintile kodwa ukuvezile ukuthi usekulungele ukushintsha ikhaya.
“Sonke siyafuna ukukhula. Ngiyayihlonipha iLeopards ngokungiphatha kahle kula masizini amathathu futhi yanginika ithuba okungekho omunye onginike lona. Ngiyajabula ngokuthi nami ngilisebenzisile. Kodwa ngicabanga ukuthi yisikhathi esihle sokuhamba lesi. Uma kukhona obeka okuthile etafuleni ngizolalela isicelo ngibone ukuthi ngingakwazi yini ukuyokhula lapho,” kusho uMusonda.