UGAQELWE ngabaqeqeshi abake bayibamba eqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, umsebenzi waMaZulu obhinjelwa yizinto kulezi zinsuku.
Usuthu luhlezi endaweni yesithathu uma usuka ekugcineni. Seluqoqe amaphuzu angu-15 emidlalweni engu-15. Lugcine ukunqoba lushaya iMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 21 ekuhambeni. Ngemuva kwalokho alukaze luphinde luzwe ukuthi injani iwini. Kulo nyaka luvule ngenduku ekhaya luqunjwa phansi yiChippa United ngo 2-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Kuthe kusenjalo laxetshulwa yiBaroka FC ngo 2-0. NgoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku, Usuthu luzoshukana neSuperSport United eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Isolezwe lihabule izindaba zokuthi umsebenzi woSuthu lugaqelwe yizingwazi zabaqeqeshi.
“Abaqeqeshi sebeqalile ukufaka izicelo zomsebenzi kuMaZulu. Phakathi kwabo kukhona uGordon Igesund, Serame Letsoaka no-Owen Da Gama. Izikhulu zoSuthu sezizitholile lezi zicelo. Okwamanje zisazicubungula kwazise asikho isinqumo abasasithathile ngomqeqeshi okhona kodwa zona izicelo zisezandleni zabo,” kusho umthombo othembekile.
Abalandeli boSuthu bebesabise ngokutheleka ejimini yaleli qembu izolo ekuseni. Nokho bagcine bengafikanga ngemuva kokuzwa ukuthi leli qembu liqashe izigora ukuzoqapha isimo.
Isolezwe lizifikele mathupha ejimini yoSuthu. Lifike kukhona izigansonso zamadoda ayizidlakela abegqoke izinto ezimnyama. Amabili abevale esangweni lapho ungena khona uma uya enkundleni.
Usuthu luthenge isitifiketi seThanda Royal Zulu ebe ngompetha beNational First Division (NFD) ngesizini edlule. Kumasizini amathathu edlule Usuthu lwagawulwa yizembe esigabeni esikhulu kulandela ukuqeda ekugcineni kwi-log ye-Absa Premiership.
Kuthintwa uBrilliant Mkhathini wezokuxhumana kuMaZulu uvumile ukuthi izicelo yinto ehlale ingena. “Izicelo zihlale zingena. Azifiki manje ngoba nakho sesihlulwe imidlalo emithathu. Njengamanje yinto yokugcina esicabanga ngayo indaba yomqeqeshi. Imiqondo yethu igxile ekulungiseleleni umdlalo olandelayo. Umqeqeshi sinaye (uCavin Johnson). Seneme futhi ngaye. Abasiyeke laba baqeqeshi abafaka izicelo. Noma zifika-ke zifikela kubaphathi beqembu."