ILETHE ukukhanya inkulumo yomqeqeshi weBloemfontein Celtic, uLehlohonolo Seema, ngendlela aziphathe ngayo umlingani wakhe kwiLamontville Golden Arrows, uSteve “Mphathi” Komphela ngemuva kokunenebulwa ngo 5-0 kwi-Absa Premiership eshiye abaningi beshaqekile.
Indlela uKomphela aziphathe ngayo emuva komdlalo kugcine sekuxoxwa ngayo kunemvula yamagoli engene kulo mdlalo.
Kune-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa uKomphela ejabulela ukushaywa kwezakhe eDr Petrus Molemela Stadium, ngeSonto.
ICeltic ihambe phambili emdlalweni kungakapheli ngisho umzuzu uqalile. Igoli litholwe nawu-Andile Fikizolo okhulele kubo Abafana Bes’thende. Ushaye elokuvala inkundla ebelenza impama.
BUKA:
Iwini, obekungeyokuqala kwiCeltic, igcine isiseceleni emiqondweni yabalandeli abese bethuswa okungajwayelekile obekwenziwa wuKomphela. Okwethusa kakhulu ngalokhu wukuthi uKomphela ujabula nje, usuka kuyona iCeltic futhi ngaso sonke isikhathi uhlale ekubalula ukuthi uyithanda kangakanani.
Nabaqeqeshi bayo abaliyeki ithuba lokumbonga ngokubabumbela inqanawe yeqembu ngaphambi kokusula isigubhukane ngoDisemba ka-2018.
“Ukujabula kukaKomphela nabalandeli beqembu ebeliqeda ukumxebula ngo 5-0 akuzange kwehle kahle kubathandi bebhola ngisho abangahlanganise lutho ne-Arrows. Ngaphandle kokumgxeka ngokungahloniphi abaqashi bakhe, abaningi bebekubona lokhu njengokuziveza kukaKomphela, alokhu ekhule njalo amahlebezi okuthi angase asebenze kwiBafana Bafana, ukuthi ungumqeqeshi ongathembekile kangakanani futhi ongafanelekile kangakanani ukuthi asebenze kwiBafana Bafana. Bakhona nokho abebengaliboni iphutha kwabekade ekwenza ngaphandle kokuthi usaqhubeka nokuba yisithandwa sabalandeli bebhola.
“Ngiyakusho lokhu namuhla. UBra Stev e (Komphela) uncinzwa yizintwala zengubo yakhe. Le ngubo alele ngayo njengamanje inezintwala futhi ziyamncinza,” kusho uSeema. Lokhu kusho ukuthi kungenzeka ukuthi lapho ekhona akeneme ngokuphelele.
Ephawula ngendlela abashaywe ngayo uKomphela uthe: “Ngiwujabulele kakhulu lo mdlalo kodwa hhayi umphumela. Ngeke ngibasole abadlali bami ngaphandle kokuthi ngibongele iCeltic ngoba idlale kahle futhi ukunqoba bekuyifanele.”
UKomphela ubengakufihli nangengozi ukuthi ujabule ukuthi iCeltic idlale kahle.
Okungangabazeki lapha wukuthi abalandeli basale bexakekile ngendlela uKomphela aziphathe ngayo kodwa uyena owaziyo noma ubedelela i-Arrows noma lokhu kumficile nje.