UKHALA uyazithulisa umqeqeshi wePassion FC uLizo Mjempu osefake isikhalazo senkohlakalo kwi-SAFA ngenxa yezinqumo zikanompempe ezingagculisi.
IPassion FC, edlala kwi-ABC Motsepe League, ihlulwe ngo 1-0 yiNkomazi Real Aces emdlalweni weligi obuKwaMaqekeza Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo odlule. Kulomdlalo, uMjempu ukhale kakhulu ngezinqumo zikanompempe njengoba kuphikwe amagoli amabili eqembu lakhe.
Ekhuluma nabeKickOff, uMjempu uveze ukuthi usefake isikhalazo kwiSAFA njengoba efuna ilekelele kumaligi aphansi. “Ngihlezi ngizwa ngalendaba yenkohlakalo kumaligi aphansi. Kodwa ngizibonele mathupha emdlalweni sibhekene neNkomazi Real Aces ngoMgqibelo,” kuchaza uMjempu.
“Zonke izinqumo zikanompempe beziphambene neqembu lami. Sishaye amagoli amabili aphikiwe, kwaphinda kwaphikwa amaphenathi amabili. Kubuhlungu ukusebenzisa imali eningi uzilungiselela ukudlala kwiligi kodwa ube usuphathwa ngalendlela. Kube ngumusa womdali ukuthi sikwazi ukubuya nomphumela ongcono ngoba bekufana nokuthi sizohlulwa kabuhlungu kulomdlalo,” kusho lomqeqeshi owaduma kwi-Orlando Pirates ngezikhathi zakhe zebhola.
IPassion FC ithenge isitifiketi seFC Zone Mavo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2019/20, yabe isiqasha uLizo Mjempu njengenhloko yabaqeqeshi.
“Sizobhalela iSAFA incwadi sibancenga ukuthi babheke indaba yenkohlakalo kumaligi aphansi futhi sizofaka isikhalazo mayelana nomdlalo wethu sibhekene neNkomazi Real Aces ngoMgqibelo”, kusho uMjempu.
Sezibe ningi izikhathi lapho abaqeqeshi nezikhulu zamaqembu zikhalaza ngenkohlakalo kwi-ABC Motsepe League. Ngesizini edlule, iqembu laseLimpopo iMadridtas FC yaphucwa amaphuzu angu-58 emva kokutholakala inecala lokudlalisa umdlali uMartin Nsimba engenawo amaphepha okudlala afanele.
Ilungu lekomidi leSAFA eMpumalanga uBevan Mahlangu uthe lolu daba selufikile ezandleni zabo. “Sesithole umbiko mayelana nomdlalo wePassion FC ne Nkomazi Real Aces, sekusele ukuthi senze uphenyo,” kusho uMahlangu.