Ezemidlalo

Umqansa weBucs uqongile kunoweDowns kweseBetway

Mthokozisi Mncuseni|Published

BONKE abadlali be-Orlando Pirates kufanele bawufake ngokuthe xaxa umfutho emidlalweni esalele leli qembu kwiBetway Premiership uma bezimisele ngokugudluza iMamelodi Sundowns esicongweni.

Image: BACKPAGEPIX

IBUKEKA ilukhuni indlela ye-Orlando Pirates ebheke ekudleni isicoco seBetway Premiership sika-2024/2025 uma uyiqhathanisa nokufanele ihanjwe yiMamelodi Sundowns njengoba seziyela ngasekuzongweni.

Kusukela iPremier Soccer League (PSL) ikhiphe i-log ebuyekeziwe ngeledlule kulandela ukukhomba kwayo indlela iRoyal AM, sihlale obala isithombe ngokufanele kwenziwe amaqembu asembangweni wesicoco.

Okwamanje igebe phakathi kwePirates, esalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili ukusonga isizini, neSundowns, esalelwe eyisithupha, lingamaphuzu ayisishiyagalolunye.

Lokhu kuzitolika ngokuthi leli qembu lasePitoli kufanele liqale umkhuba wokuhlulwa elingawujwayele ukuze kusizakale iPirates ivale igebe.

Kuzobanzima nokho kwabePirates ukubambelela kuleli themba ngoba irekhodi leSundowns kule sizini likhomba ukuthi isahlulwe kathathu yadlala ngokulingana kowodwa.

Alilibi kangako neleBucs njengoba nayo isacazelane ngamaphuzu kowodwa yahlulwa kane  kuze kube yimanje.

Namuhla iPirates izokwamukela iSekhukhune United koweligi ngo-7.30 ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

Kulo mdlalo sibhekiwe isinqumo sikaJose Riveiro sokuthi uzobadlalisa yini oRelebohile Mofokeng, Patrick Maswanganyi, Thapelo Xoki, Thabiso Sesane noThalente Mbatha bonke abanamakhadi amathathu aphuzi ngokwahlukana. Lokhu kubabeka engcupheni yokweqiwa owabakhaya ngoMgqibelo.

Kuzobe kungokokuqala ukuthi iPirates ibonakale enkundleni kusukela ikhishwe yiPyramids FC yase-Egypt eyishaye ngo 3-2 kowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngeledlule.

Ukuze iPirates iphilise umbango wesicoco imelwe wukuyinqoba okungenani yonke imidlalo eyisalele ukuze iqede isizini inamaphuzu angu-70.

Uma iSundowns iyinqoba yonke eyayo izohlanganisa amaphuzu angu-73.

Kubukeka kunzinyana okwePirates uma ukuqhathanisa nokweSundowns ngoba yamukela iSekhukhune namuhla nje, isamelwe owezimbangi ezinkulu neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eNasrec.

Kusekhona emibili neLamontville Golden Arrows okukhona kuyona nowahlehliswa ngoba inkundla igcwele amanzi eHammarsdale ngaphambi kokusalelwa yiMagesi FC, SuperSport United, TS Galaxy naMaZulu FC.

Kubukeka kulukhunyana lokhu uma ukuqhathanisa nokweSundowns ezothi uma iqeda neRichards Bay FC kowanamuhla ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versfeld, ePitoli, kusale iCape Town City, Magesi, Chippa United amahlandla amabili neStellenbosch FC.

ISundowns yagcina ukudlala iligi maphakathi nenyanga edlule lapho yakhala khona ngaphansi kwiPirates ngo 2-1 e-Orlando Stadium.