UKUNGAFUNI ukulahlekelwa uPitso “Jingles” Mosimane kuphoqe umengameli weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe ukuba ahoxise ukuqasha umqondisi omusha okubikwa ukuthi lo mqeqeshi akafuni nokuyizwa indaba yakhe.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo eseChloorkop ukuthi ngeke esalandwa uJose Maria Bakero Escudero (56) waseSpain obezoba yi-technical director.
U-Escudero usebenza kwinkulisa yeBarcelona engenye yezinkunzi ebholeni laseSpain.
Ngokusho kwemithombo, uMosimane akafuni nokuyizwa indaba yale technical director, ubona kungukumeya ukuqashwa kwayo.
Kuthiwa usabise ngokuthi uma iqashwa uzowulaxaza owokuqeqesha.
UMosimane uzeseka ngokuthi asikho isidingo sokulandwa kwabantu baphesheya kwazise abaqashwe ngaphambi kwakhe bafika bazitapela imali base behamba bengalisizanga iqembu.
Umthombo uthe: “Kuyinto exoxwayo emahhovisi eqembu ukuthi lo mlisa waseSpain akasalubhadi kuleli. Sengathi impela uMosimane ukhale kwezwela kanti noMotsepe ubonile ukuthi wenza iphutha ngokungambikeli kwasekuqaleni ngalezi zinhlelo.
“Uyabona futhi ukuthi uma engamqasha * -Escudero angalahlekelwa wumqeqeshi osemenzele omkhulu umsebenzi.”
Ngokusho komthombo lo mlisa ubekuleli emasontweni edlule ezohlangana noMotsepe. Kuthiwa umhlangano wawuseSandton, eGoli. Ngemuva kwawo ubuyele kwelakubo.
Lo mlisa olandwa eSpain ubezoba yi-technical director yesibili esuka e-Europe izokwenza lo msebenzi.
Ngesizini edlule iSundowns yaqasha * -Eric Hamren waseSweden osewushiyile umsebenzi waqashwa njengomlolongi wase-Iceland.
Nangesikhathi kuqashwa uHamren, uMosimane kuthiwa wadinwa wagana unwabu, ecikwa ukuthi sekukhona umuntu oqaphe indlela enza ngayo izinto.
Uma iqembu liqasha i-technical director lokho kuchaza ukuthi umqeqeshi kumele abikele yona ngemiphumela.
Umthombo uthe izikhulu zihlukene kabili ngesenzo sikamengameli weqembu uMotsepe ngokufuna lo mlisa waseSpain.
“Abanye bathi ayikho into embi ngokulandwa kwakhe ngoba vele amaqembu aphesheya enza kanjalo futhi ama-technical director aseyindlela yesimanje yize amaqembu akuleli engasiboni isidingo salokho. Abanye bavumelana noMosimane ekutheni asikho isidingo sokulandwa kwale ndoda kwazise uselishintshe kakhulu iqembu njengoba beliyinhlakanhlaka. Ngesikhathi engakafiki iqembu lase liqashe inqwaba yabaqeqeshi baphesheya abafika bashaya udaka yize babeholelwa itshe lemali.
“UMosimane ufike waqeda indlala yezicoco njengoba eyinqobele i-CAF Champions League, CAF Super Cup waze waqopha umlando ngokuyifaka kwiFIFA Club World Cup eyayiseJapan.
“Kukhulunywa nje useyinqobele izicoco ezine ze-Absa Premiership kanti uqhoshe ngomklomelo wokuqokwa njengomqeqeshi ovelele e-Afrika ngo-2017,” kusho umthombo.
U-Alex Shakoane okhulumela iSundowns ebuzwa ngale mibiko uvele wafa yinsini wathi: “Angikaze ngitshelwe ngalolo daba. Empeleni elokuza kwe-technical director ngikuzwe ngani bezindaba. Izikhulu zeqembu mhlawumbe zisazongitshela ngalo mlisa”.
U-Escudero ungenye yezinkakha ezihlonishwayo eSpain. Udlale kuwona wonke amaqembu esizwe kuhlanganisa naseqenjini elikhulu nakwiBarcelona nakwiReal Sociedad.