U-Edward Mothibi ngemuva kokudla isicoco seComrades Marathon sakulo nyaka Isithombe: ANELISA KUBHEKA
U-Edward Mothibi ngemuva kokudla isicoco seComrades Marathon sakulo nyaka Isithombe: ANELISA KUBHEKA
UMGIJIMI weNedbank Running Club u-Edward Mothibi onqobe iComrades Marathon eqale eThekwini yasongwa eMgungundlovu Isithombe: SITHUNYELWE
UMGIJIMI weNedbank Running Club u-Edward Mothibi onqobe iComrades Marathon eqale eThekwini yasongwa eMgungundlovu Isithombe: SITHUNYELWE

UCACISE kunyukwa ePolly Shortts, u-Edward Mothibi, ukuthi akazimisele ngokuphunyukwa isicoco seComrades Marathon salo nyaka.

Lo mgijimi weNedbank Running Club uphuce uBongmusa Mthembu isicoco eshaya intambo ngo-5.31.33 eScottsville Racecourse eMgungundlovu ngeSonto.

UMthembu, obevikela isicoco asinqobe nyakenye kuyiwa eThekwni, ugcine engene endaweni yesibili ngo-5.31.58. Indawo yesithathu kube ekaNao Kazami waseJapan abebemshiya ngemizuzu eyisishiyagalombili.

Ngesikhathi kuqalwa iLittle Pollys uMthembu uke wathi ukuqaqa evula igebe phakathi kwakhe noMothibi abebelokhu bebambene naye kusukela kudlulwe eDrummond lapho bebelokhu beqathaka abagijimi abebesesixhantini sabo.

Lo mgijimi ophume endaweni yesine nyakenye akazange aliphose ithawula ngesikhathi  kuqalwa umqansa wasePolly Shortts, kunalokho ubelokhu esondela, waze wayidlula le nsizwa yaseBulwer.

Kuthe kusele cishe u-13km uMothibi bese evule igebe cishe lika-100m kuMthembu obese kubonakala ukuthi sekungaba ukubanjwa amajaqamba okungaphazamisa umgijimi weNedbank.

Kwabesifazane uGerda Steyn uqophe irekhodi elisha engena ngo-5.58.53 ethatha indawo yokuqala. Indawo yesibili ithathwe u-Alexandra Morozova waseRussia kwathi uCaitriona Jennings  wase-Ireland walala isithathu.