UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uqinise idolo imbangi yakhe uMilutin “Micho” Sredojevic we-Orlando Pirates ngokuthi angaliphonsi ithawula emkhankasweni wakhe wokuwina isicoco se-Absa Premiership.
NgoMgqibelo, uMosimane, uwinise iSundowns isicoco seligi okwesine eminyakeni eyisithupha eyiqeqesha. AmaBrazilians aqukule indebe phambi kwezinkumbi zabalandeli eGoble Park, eFree State, emuva kokwehlula iFree State Stars ngo 1-0 wegoli likaPhakamani Mahlambi. Lokhu kwenzeke phezu kokuba kusenecala eliqhubekayo elihlanganisa umdlali uWayne Arendse eyamdlalisa kungafanele elingaphetha ngokuthi iphucwe iphuzu.
Umjaho wesicoco seligi phakathi kweSundowns nePirates, okungayisizanga ngalutho ukwehlula iPolokwane City ngo 3-0, ufinyelele osukwini lokugcina futhi kade uphoqa ukuthi Abafana BaStyle bawine umdlalo wokugcina. Nangesizini ka-2017/2018, umjaho weligi ugcine ususele phakathi kwePirates neSundowns.
“Ngifisa ukubongela wonke amaqembu awu-15 kwiPremiership, asithwalise kanzima. Umngani wami uMicho uphinde wanginika umjaho omuhle njengesizini edlule. Akufanele adikibale. Bheka uJurgen Klopp (Liverpool), Pochettino (Tottenham) bangabaqeqeshi abaphezulu kodwa ukuwina indebe udinga nenhlanhla kancane,” kusho uMosimane.
“Kwesinye isikhathi ungenza kahle njengoSteve (Komphela) ungayiwini indebe kodwa usengumqeqeshi omuhle. Ngakho uMicho wenze kahle kakhulu, uyivusile i-Orlando Pirates. Ngicabanga ukuthi bathole amaphuzu amathathu ngaphezulu kunabawathole ngesizini edlule. Yigxathu lelo. Kwesinye isikhathi unyusa izinga kodwa nembangi iwine. Ngifisa ukumbongela noFadlu (Davids) noRulani (Mokoena) nalo lonke ithimba labaqeqeshi. Basinike umjaho ongelula. Kuzoba njalo nangesizini ezayo. Inqobo uma ngiselapha, umjaho uyaqhubeka.”
UMosimane uwinise iSundowns iligi yesishiyagalolunye kusuka kwasungulwa iPremier Soccer League ngo-1996. Ungene emlandweni wokubalwa nabaqeqeshi asebewine iligi amahlandla amane eMzansi okunguGordon Igesund,Gavin Hunt noTed Dumitru ongasekho.
“Ungazithoba uthi ngiyabonga ngalokho, akuwona wonke umuntu ongakwenza lokho. Akulula. Ungasho futhi ukuthi ngabe kungawe? Angikwenzelanga mina lokhu nokufica amarekhodi. Kukhona amarekhodi uGavin Hunt awaqophile engingakafiki kuwona. Kunengiwaqophile kodwa bonke laba abangenawo. Ngakho akuwona umqhudelwano wokuthi ubani wenzeni. Konke bengikwenzela iMamelodi Sundowns nokuthi eminyakeni eyisithupha ngilapha sesiwine iligi kane. Ngicabanga ukuthi lokho kukhulu. Nokwenza isiqiniseko sokuthi sidlala kwiChampions League futhi. Nalaba badlali esibatholile uMaboe (Lebohang), Phakamani, Pitso
(Sphelele Mkhulise) abangakaze bayiwine iligi ngoba uma sibaheha sithi abeze kwiSundowns bezowina izindebe. Uma lokho kungenzeki sidayisa ini? Kufanele sibatshele ngeligi ngoba akubona bonke abadlali abayiwinayo,” kusho uMosimane.