UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso "Jingles" Mosimane uphumele obala wavikela unozinti wakhe uReyaad Pieterse kulandela ukugxekwa kwakhe ngokushaya udaka leli qembu likhishwa yiBaroka FC kwiTelkom Knockout ngempelasonto.
Nakuba uPitso emvikela uPieterse kodwa iqhawe lakho uPotshoza likholwa ukuthi kwalona lalingenza kangcono egolini lesibili lo nozinti okunguyena olifake enethini.
NgokukaPitso, uPieterse ojwayele ukuvala isikhala uma kunenkinga kuDenis Onyango noma kuKennedy Mweene, akukho abengakwenza ukugwema la magoli agxekelwa wona.
Akuwona wodwa lo mdlalo okugxekwe ngawo lo nozinti oseke wavimbela iKaizer Chiefs, kepha nendlela adlale ngayo iDowns icazelana amaphuzu naMaZulu ibakhalisile abaningi.
Evikela lo nozinti uPitso ukhumbuze abantu noPotshoza ukuthi (uPieterse) ungunozinti obeqavile kwiSuperSport kanti ubuye abizelwe nakwiBafana Bafana. Lo mqeqeshi uphinde wakhumbuza abalandeli ukuthi alizange lingene igoli ihlasela iLamontville Golden Arrows okungeminye yemidlalo aseyivimbile uPieterse.