UMA uPhakamani Mahlambi esesesimeni esifanele sokudlala futhi ebuyelwe ifomu yakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ulindele ukuthi akwazi ukuvala isikhala esisale kuhamba izibabuli zabadlali.
ISundowns ishiywe uKhama Billiat osekwiKaizer Chiefs, noPercy Tau osedlala eBelgium kwiRoyale Union Saint-Gilloise.
Laba badlali bebeyiphela endlebeni kwizitobha uma zibhekene neSundowns kanti isikhala sabo sibonakele njengoba kuqale isizini.
ISundowns isashaye amagoli amane emidlalweni eyisikhombisa okube nomthelela ekutheni igcine iwashe ijezi emiqhudelwaneni emibili kulandelana.
Iphume kwiCAF Champions League kwathi kusabhekwe lokho yaphuma nakwiMTN 8.
UMosimane echaza ngakulindele kuMahlambi othengwe kwi-Al Ahly yase-Egypt, uthe ufuna ukumbona ethwalisa kanzima izimbangi ngejubane lakhe.
“UPhaka ufika nejubane. Yilokho ebesikuthola kuPecy noKhama. Okumele akwenze yena wukuthi abe sesimeni esiqatha esilungele ukudlala. Kodwa okunye wukuthi kumele asishayele namagoli ngoba yilokho obekwenziwa yilaba badlali. Ngiyakholelwa ekutheni abadlali bethu basezihlangothini nabo kumele bakwazi ukuba bukhali emapalini,” kusho uMosimane.
Uthe bese kunezinyanga ezimbili bekhuluma ne-Al Ahly ngoMahlambi.
Lo mdlali ubengemningi enkundleni kuleli qembu kusukela elijoyinile nyakenye. Kule sizini bekucaca ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi walo kwazise ufakwe ngemizuzu yokugcina esikwatini sayo esidlala kwiChampions League ezovala isikhala somdlali olimele.
Ngaphambi kokuthi uMahlambi ahambe kuleli wayengomunye wabadlali abasiza iqembu ayelidlalela iBidvest Wits ukuthi linqobe isicoco seligi ngesizini ka-2016/2017.
Alingatshazwa ithalente lakhe njengoba engazange ehlelwe ifomu nangemuva kokuthi enhlinziwe wafakwa isicubu sikamfowabo ngemuva kokulimala umsipha. Uhlale izinyanga eziwu-10 engadlali kodwa wakwazi ukuqhubeka nokuba yile nto efunwa uMosimane.
Uma sekubuywa ekhefini leFifa, iSundowns izovakashela AmaZulu FC emdlalweni we-Absa Premiership ngeSonto eKing Zwelithini Stadium ngo-3 ntambama. Kulindeleke ukuthi umdlalo ushube kwazise womabili amaqembu ayawadinga amaphuzu agcwele.
ISundowns engompetha beligi isanqobe kanye emidlalweni emithathu yeligi.
AmaZulu wona azofika emdlalweni ephuma endukwini ayithola kwiBidvest Wits.