UPITSO “Jingles” Mosimane, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, akayizwa kulezi zinsuku iMaritzburg United.
Uphinde wagadla eqenjini laseMphithi esola umqeqeshi walo, u-Eric Tinkler ngokubukela phansi umdlali weSundowns uKeletso Makgalwa.
UMosimane nezakhe babhubhudle ngo 3-1 iBloemfontein Celtic emdlalweni we-quarterfinal kwiMTN 8 ngempelasonto.
Umdlalo ubengelula ngoba iSundowns iqale ilandela ngemuva ngo 1-0.
Izinto zishintshe sekungene uMakgalwa esuka ebhentshini kuMasandawana.
UMakgalwa, ozakhele igama edlala kwiMultiChoice Diski Challenge ungene wakha iphenathi washaya negoli lesithathu.
Kumjabulise kakhulu uMosimane lokhu ngoba ukholelwa wukuthi uMakgalwa uzokwenza ukuthi ezakhe zishaye amagoli emidlalweni elandelayo.
UMakgalwa ubebolekwe iMaritzburg United ahlale kuyo izinyanga ezine kuphela wase ekhonjwa afika ngayo.
UMosimane akaneme ngokuthi uMakgalwa wachithwa kwiMaritzburg futhi wehlulekile ukuzibamba ngemuva kokudlala kahle ngempelasonto bebhekene neSiwelele.
“Ngijabule kakhulu ngendlela adlale ngayo uMakgalwa. Amagoli yizinto zakhe, ubekwenza lokhu esadlala kwiMDC. Ukwazi ukudlala ezindaweni ezehlukene phambili - uyakwazi ukudlala ophikweni nakunombolo 10. Ungiphethe kahle uMakgalwa ngoba sengizokwazi ukusetha kahle isikimu emidlalweni elandelayo. Nokho ngiphoxekile ngokuthi iMaritzburg yambuyisa uMakgalwa esahlale nje kuphela izinyanga ezine. Ngabe uTinkler (Eric) wayebona ukuthi akakakulungeli ukudlala esigabeni esiphezulu?” kusho uMosimane.
Empeleni akukona okokuqala uMosimane ekhuluma kabi ngoTinkler neMaritzburg.
Ngasekuqaleni kwenyanga uMosimane ukhale ngokuthi uTinkler ubemhlolelani umgadli weSundowns u-Ali Meza, esikhundleni sokuthi amsayinise adlale. “Ngesikhathi thina sithatha uLebohang Maboe asizange simhlole savele samsayinisa. Kungani uTinkler ehlola uMeza, ngabe yingoba ebona ukuthi akakulungele ukudlala eqenjini lakhe?”
Ephendula uTinkler uthe: “Kuyoba kuhle ukuthi uPitso aqale acabangisise ngaphambi kokukhuluma. UMaboe akhuluma ngaye wayedlala njalo kwiMaritzburg, yingakho kwaba lula ukuthi angene khaxa eqenjini. Kodwa ngeke sisho okufanayo ngoMeza ngoba bese kuphele unyaka engadlali”.