UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ufuna iSouth African Football Association (Safa) iwuyeke umkhuba wokuqoqa izicelo zomsebenzi kubaqeqeshi uma iqasha ozohola iBafana Bafana.
Indaba esematheni eyekusasa likaStuart Baxter ohole iBafana yaphuma kuma-quarterfinal e-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2019. Iningi lifuna axoshwe ngenxa yokungagculiswa yisitayela sebhola lakhe nemiphumela.
ISafa isiqashe abaqeqeshi kawu-24 okubalwa kubona ababambe okwesikhashana nababuye amahlandla angaphezu kwelilodwa. Sebebonke bawu-17 abaqeqeshi abaqashwe yiSafa kusukela iNingizimu Afrika yamukelwa ebholeni lomhlaba ngo-1992.
UMosimane, osheshe wakucacisa ukuthi uyameseka uBaxter, uthe iSafa kufanele iwuyeke umkhuba wokuqoqa amaCV uma ifuna ukwakha iqembu.
“Uma uthi ufuna ukudlala isitayela sebhola esithize kufanele ube nomqeqeshi odlalisa lelo bhola. Akulungile ukuthi sifuna uStuart asidlalise njengeMan City, akayena uPep Guardiola futhi mhlawumbe akanabo abadlali abangadlala kanjalo. Kufanele asebenze ngalokhu anakho. Besivele sisazi isitayela sikaStuart. UbekwiChiefs nakwiSuperSport United. Besifuna lokho futhi sakuthola. Ukuthi manje ulungile noma cha, olunye udaba,” kusho uMosimane.
“Okubaluleke kunakho konke ukuthi inhlangano eyengamele ibhola kufanele imzingele umqeqeshi emfunayo. Umqeqeshi ozodlalisa ibhola elifunayo ngoba uma ingakwenzi lokho, sizoxakeka sizibuze ukuthi ngabe ungumqeqeshi ofanele yini noma cha? Singaqashi ngamaCV. Singaqashi ngoba umqeqeshi othize akazange awine i-Afcon wahamba, manje sesithi singakwazi ukumthola. Senza iphutha elifanayo sonke isikhathi. Ubani umqeqeshi wakho? Uma uBenni (McCarthy) kungumqeqeshi wakho, uma uGareth Southgate ngumqeqeshi wakho, mzingele umlande. Noma ngabe akakaze awine lutho.”
Ngokwendlela yokudlala ibhola yaseMzansi ebalulwe yiSafa, lidla utshani okuhlanganiswa nokudlala ngokusondelana nokuphuma ezikhaleni. Kodwa baningi abaqeqeshi asebeqashiwe abangalidlalisi ibhola elinjalo. Lokhu kuxakeka kwehlela ngisho kubalandeli. Abanye bafuna kuthathe uGavin Hunt odlalisa eliqonde phambili namabhola amade agotshelwa ebhokisini. Kukhona abafuna uDan Malesela olidlisa utshani, liqalwe emuva.
“Awukwazi ukulindela okuthile ohlelweni oluhlukile. Ngokwami ngiyayithanda iBafana, idlale kahle. Ayilihlazanga izwe. Kodwa uyazi ukuthi isengenza kangcono, isengashaya amanye amagoli, ithembise phambili. Mina ngijabule ngeBafana, ngijabule ngoStuart. Angikhulumeli izwe lonke, wumbono wami. Kufanele umbono wami uncike ekutheni ubani uStuart, udlala kanjani?” kuphetha uMosimane.