UNAZO zonke izimpawu zokuba ukaputeni weBafana Bafana wakusasa uKamohelo Mokotjo.
La mazwi aphume emlonyeni ka-Aaron “Mbazo” Mokoena onomlando wokuba ukaputeni waleli qembu lesizwe omncane kunabo bonke, okuphelezelwe elinye futhi irekhodi lokuba wumdlali ozihola phambili ngobuningi bemidlalo kuleli qembu lesizwe.
UMokoena, ochazele Isolezwe ukuthi useyingxenye yeBafana (lapho efunda khona ngokuba yimenenja yeqembu) ubekhuluma ngokuqhakaza kwekusasa laleli qembu lesizwe. Lo kaputeni odlale nakwiPortsmouth yase-England uthe uMokotjo unakho konke okudingekayo kumholi weqembu lesizwe.
“Nami ngimdala ngingaka nje ngiqale ngicabange uma ngizokhuluma noKamo (Mokotjo). Isizathu salokho wukuthi umqondo wakhe uvuthwe ngendlela edlule kakhulu eminyakeni anayo. Akayena umuntu ovele akhulume nje kodwa konke okuphuma emlonyeni wakhe kukwenza uzibonele ukuthi ukhuluma nomholi,” kusho uMokoena.
UMokotjo uzidlalele zonke izikwati ezincane zamaqembu esizwe kodwa kumthathe isikhathi ukuthi abizwe kwiBafana. Akabanga nokho nomdlalo omuhle kowangeledlule iLibya ibambela iBafana ekhaya kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (eseCameroon ngonyaka ozayo).
Lo mdlali, oke waba ukaputeni weFC Twente yaseNetherlands, uyena futhi owayehola iqembu labafana abancane abaneminyaka engaphansi kwengu-12 bedla isicoco seDanone Nations Cup eFrance ngo-2003. Ngaphandle kweFC Twente cishe wonke amaqembu adlala kuwona ayambona ukuthi ukuhola yinto azalwe nayo. Muva nje usanda kuba umdlali wesine emlandweni weBrentford ayidlalelayo kwiChampionship yase-England ukunikwa ibhande lobukaputeni engewona umsinsi wokuzimilela e-England.
“Ukulandelwa wubukaputeni akungenzi ngizibone ngingcono kunabanye abadlali kodwa sengikhule ngokwanele ukuthi ngizazi mina ukuthi nginazo izindlela zokuhola futhi ngenhlanhla nalaba okusuke kuthiwa angibahole bayangilalela,” usho kanje uMokotjo ekhuluma naleli phephandaba eKwaMashu ngesonto eledlule.
“Sesifikile isikhathi sokuthi sibasebenzise abafana abanjengoKamo ngoba usebone okuningi e-Europe. Ngaba nenhlanhla yokuzuza lokhu kwangisiza kakhulu senginikwe umsebenzi wokuhola iqembu lesizwe. Uyikhona konke okudingwa ukaputeni weBafana,” kusonga uMokoena.