ULuca Modric okhale amaphepha nomklomelo womdlali ovelele emiqhudelwaneni ye-Uefa. Isithombe: AP Photo/Darko Bandic
UPHINDE wasondela ethubeni lokuba ngumdlali wokuqala eminyakeni engu-10 ngaphandle kukaLionel Messi noRonaldo ukunqoba iBallon d’Or, uLuca Modric, okhale amaphepha nomklomelo womdlali ovelele emiqhudelwaneni ye-Uefa.

UModric uhlabane ngalo mklomelo nowomdlali wasesiswini ovelele emcimbini wemiklomelo obuseMonaco, eFrance ngoLwesine ebusuku.

Ubhincisele nxanye uRonaldo, abedlala naye kwiReal Madrid noMohamed Salah weLiverpool.

UModric ngokwesibili eqokwa njengomdlali ovelele.

Okumbeka ethubeni elingcono lokudla iBallon d’Or ngoJanuwari wukuthi usanda kuhlabana ngeGolden Shoe nakwi-2018 Fifa World Cup.

Akusiye yedwa umdlali weReal ohlabene izolo eMonaco uModric kwazise nokaputeni wakhe uSergio Ramos uqokwe njengesitobha esivelele kwathi unozinti uKeylor Navas naye wahlabana.

URonaldo uvotelwe ngabaqeqeshi njengomgadli ovelele.

UPernille Harder waseDenmark odlala kwiWolfsburg eGermany uqokwe njengomdlali ovelele kwabesifazane.

Omunye umklomelo obukhona eMonaco ngonikwe uDavid Beckham owadlala kwiManchester United, Real neqembu lesizwe lase-England.

Le nkakha ithole i-Uefa President’s Award ngemisebenzi yayo kunobhutshuzwayo kusukela yawagaxa emgibeni.