ISILOMO seBafana Bafana sangeminyaka edlule, uTeko Modise, esidlalela iCape Town City, sidonse ngendlele umqeqeshi weqembu lesizwe, uStuart Baxter, ngokuthi kumele ashintshe indlela yokucabanga ngesikimu uma ezimisele ngokubuyisa udumo ezwenikazi.
UModise, obeyisimenywa ohlelweni obelukhombisa bukhoma umdlalo weBafana izibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba se-Egypt ngoJuni, uzwakalise ukungenami ngendlela umqeqeshi weqembu lesizwe asetha ngayo isikimu.
Emdlalweni weLibya uBaxter uqale umdlalo ngesikimu ebesikucacisa ukuthi ubezimisele ngokuvala emuva bese ethembela ejubaneni. Lokhu bekuwukuziphikisa kuBaxter obeshumayela ivangeli lokuhlasela.
Ugcine enqobe ngo 2-1 kodwa okucacile ngomphumela wukuthi uPercy Tau uyiweze eyedwa iBafana. NoDarren Keet wenze umsebenzi omkhulu lapha kodwa kucacile ukuthi uBaxter akayena umqeqeshi okhonze ukuhlasela.
“Uma ungahlaseli ebholeni lase-Afrika awutholi lutho. Kumi kanjalo nje futhi ngeke kujike,” kusho uModise obengafihli ukuthi ujabule ngokuthi izwe lingenile kwi-Afcon kodwa indlela elidlale ngayo ayimgculisi neze.
“Kufanele ashintshe ukuqalaza uBaxter uma ezimisele ngokubuyisa udumo lweBafana. Ngeke ngimgxeke kakhulu kulo mdlalo ngoba bekumqoka ukuthi siwine ngakhoke umqeqeshi uhlela ngendlela abona ukuthi uzosizakala ngayo. Usizakele futhi sanqoba sathola nendawo kwi-Afcon okuyinto enhle impela. Ngeke sakubalekela-ke nokho ukuthi sinendlela esidlala ngayo njengezwe. Wonke amazwe anendlela adlala ngayo. Thina kasivali emuva kepha siyanikana ibhola sisebenzise nomjiko oya phambili. Uma umqeqeshi ezosuka kulokhu ngeke enze lutho e-Afrika nakwi-Afcon imbala,” kusho uModise.
Nakuba uModise ekhuluma kanje, iBafana ilale isithathu ekuhlohlweni kwamagoli njengoba ishaye awu-11 lapho isale khona kwiLibya nakwiNigeria. Kuzokhumbuleka kodwa ukuthi wonke la mazwe ashaye amagoli amaningi abeneSeychelles eqoqweni lawo.
Impumelelo yeBafana kwiSeychelles iyona ebe nkulu kunayo yonke imiphumela kweyokuhlunga. Alizange lihlulwe iqembu likaBaxter kweyokuhlunga futhi lithathe amaphuzu amane kwiNigeria.
YiSenegal, Mali, Burundi neGuinea kuphela amazwe aze aqeda engakaze ahlulwe kweyokuhlunga.
IBafana ayizange ingenelwe yigoli emidlalweni emine kweyisithupha yokuhlunga kangangokuthi namagoli ayingenele kube yiphenathi yeLibya nomkhonto ogwaze ekhaya oshaywe uBuhle Mkhwanazi iBafana ibhekene neNigeria.
Babe yisithupha sebebonke abadlali beBafana abayishayele amagoli kule midlalo yokuhlunga. Kuhleli uTau eqhulwini ngamane kanti bayibonile inethi noTokelo Rantie, Lebogang Mothiba, Dino Ndlovu, Teboho Mokoena noThulani Hlatshwayo.