UPORTIA Modise, owayegijima kwiBanyana Banyana, ufisa ukubona abadlali bamanje behlomula ngaphezu kwabekelwe kona uma benqoba i-Africa Women’s Cup of Nations (AWCON).
IBanyana izobhekana neNigeria kowamanqamu kusasa ngo- 6 ntambama e-Accra Sports Stadium, eGhana.
ISafa nabaxhasi iSasol bathembisa abadlali u-R160 000 ngamunye uma beyiphakamisa indebe. Ukuqeda endaweni yesibili kuzobahlomulisa ngo-R75 000 emunye.
UModise akakaze akufihle ukungenami kwakhe ngokunganikezwa imihlomulo efanele kwabadlali beBanyana. Isikhathi esiningi banikezwa u-R5000 ngokuba seqenjini lesizwe.
Ngokungena kowamanqamu iBanyana iqophe umlando ngokuzibekisela indawo okokuqala kwiNdebe yoMhlaba eseFrance ngonyaka ozayo.
“Ngijabule kakhulu ngokwenziwe amantombazane. Ngiyawahalalisela ngoba lokhu akwenzile kuzoshintsha indlela okubukwa ngayo ibhola labesifazane eNingizimu Afrika. Ngibafisela inhlanhla kowamanqamu babuye nalo igolide,” kusho uModise.
Uthe ukholwa wukuthi lokhu kuzobavulela amathuba okudlala namazwe ase-Europe uma sekulungiselelwa iNdebe yoMhlaba.
Ebuzwa ngemali abazoyithola, uthe: “Ngikholwa wukuthi isencane. Uma nje beyiphakamisa indebe bafanelwe engaphezulu. Laba badlali bafanelwe wukunakekelwa abangakaze bakubone uma sebebuya. Kumele bathi noma behamba emgwaqweni nabo baziqhenye ngabakuzuzile.”
Omunye walabo badlali uRefiloe Jane uzobe engekho iBanyana isitheleka esikhumulweni sezindiza, e-OR Tambo eGoli ngeSonto ntambama.
UJane uzophuthwa nawumdlalo wamanqamu kusasa ngenxa yokuthi kudingeke abuyele eqenjini lakhe iCrenberra United yase-Australia. Uyijoyine ngo-Okthoba kodwa wayishiya phakathi imidlalo yeligi iqhubeka.
“Ngiyafisa ukuba lapha (kowamanqamu) kodwa futhi kumele ngiyofeza elinye iphupho lami lokudlala phesheya. Ngiyabonga kwithimba ngokungidedela nakwiCrenberra ngokungivumela ngize lapha,” kusho uJane.
Emdlalweni ozokhipha iqembu lase-Afrika elizojoyina iNigeria neNingizimu Afrika ngonyaka ozayo, kuzotholana phezulu iMali neCameroon namuhla ntambama. Womabili ahlulwe kweyandulela eyamanqamu.