UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso noTeboho Mokoena naye elingasali igama lakhe uma kubalwa abadlali abanethuba lokugoduka noweBetway Premiership Midfielder of the Season
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI waKwaZulu Natal oxoshwe isigubhukane kwiMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, uthipha uMiguel Cardoso ongene esikhundleni sakhe kuleli qembu njengofanelwe wukugoduka nomklomelo womqeqeshi ovelele kwiBetway Premiership.
UMngqithi owahlala izinyanga ezinhlanu esihlalweni sokuba yinhloko yabaqeqeshi lapho ayengene khona esikhundleni sikaRulani Mokwena, uxoshwe ngoDisemba indawo yakhe yathathwa uCardoso.
Nakuba ukuxoshwa kwakhe kushaqisile ngaleso sikhathi, iSundowns ayizange izifihle izizathu zayo zokukhomba indlela uMngqithi. Esinye sazo wukushaywa kweqembu lakhe yiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout.
Kusukela uCardoso ethathe izintambo, iSundowns ikwenza konke kangcono ngokusho kukaMngqithi yingakho kufanele kube iyona ewola yonke imiklomelo yePremier Soccer League (PSL) ngosuku lomcimbi olungakadalulwa.
Nakuba uCardoso wasePortugal ekhishwe yiKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu weNedbank Cup kodwa iligi isisemgodleni kanti ngeSonto unethuba lokwengeza ngendebe yeCaf Champions League uma sebebhekene nePyramids FC yase-Egypt. Emdlalweni womlenze wokuqala zibambane ngo 1-1.
Ngesikhathi i-Arrows iqeda ukunyomfa izinhlelo zeSekhukhune United zokuyodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo, uMngqithi ubuziwe ukuthi yimuphi umqeqeshi okufanele agoduke nalo mklomelo.
“Ngiwunika uCardoso ngaphandle kokucabanga kaningi ngoba udle isicoco seligi kanti ngaphansi kwakhe iSundowns yenze kangcono kakhulu,” kusho uMngqithi.
“Kumfanele ukuba ngumqeqeshi ovelele ngoba iSundowns yakhe isandisile isibalo samagoli ewashayile, yasinciphisa angene ngakuyona uma uqhathanisa nangesizini edlule.
“Nemidlalo eshaywe kuyona uyinciphisile ngakho-ke uma singaniki yena akekho omunye onganikwa."
Mayelana nabadlali abenze kangcono kunabanye kule sizini lo mqeqeshi uthe uhamba noLucas Ribeiro noma u-Iqraam Rayners.
“Nakuba kungelula ukuziba amagalelo ka-Iqraam kodwa ngokwami uRibeiro kumfanele ukuthi akuqoqe konke aqokwe kukhona,” kusho uMngqithi.
IPSL iqoke ukuhlehlisa umcimbi wokuklomelisa abadlali ngenxa yokubambeka kweSundowns kwiChampions League nakwiFifa Club World Cup ezoqala ngoJuni 15 e-United States of America (USA).