Ezemidlalo

UMngqithi ungena ezintangeni ngabaxoshwe yi-Arrows

Mthokozisi Mncuseni|Published

KUSAZOQHUBEKA ukuqagela ngesizathu seLamontville Golden Arrows sokukhomba indlela isigubhukane abadlali ababili abebethathwa njengabamqoka kuleli qembu emasontweni adlule.

Abafana Bes’thende basanda kufaka amasondo ngaphandle kwencazelo, uKnox Mutizwa obengomunye wabagadli asebewe bevuka neqembu, noThabani Zuke owayengukaputeni.

Kwavela ukuthi uZuke uxoshelwe ukusayina inkontileka yesibambiso naMaZulu FC ngenhloso yokuwajoyina ngesizini ezayo.

UMutizwa obefana nomholi kwi-Arrows noyishayele igoli lokuwina ngesikhathi yehlula iKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership, kusabalale ukuthi uxoshelwe ukwehlelwa yifomu.

Umqeqeshi we-Arrows, uManqoba Mngqithi, ubuzwe ngesizathu sokuxosha abadlali ngemuva komdlalo abehlulwe kuwona yi-Orlando Pirates ngo 3-0 e-Orlando Stadium, eSoweto. 

Lo mdlalo bekungowokugcina womqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ebholeni laseNingizimu Afrika.

 

“Ngeke ngilenze iphutha lokuneka amabibi e-Arrows esidlangalaleni kodwa ukuhlukana kwethu noMutizwa noZuke kube yisinqumo esithathwe yiqembu lihlangene,” kusho uMngqithi eSoweto.

Akucaci okuzokwenziwa yiPremier Soccer League (PSL) ngomdlalo we-Arrows owamiswa ngenxa kagesi ngesikhathi sekhefu ibhekene neSuperSport United  ngasekupheleni kukaFebhuwari. Nokho kungenzeka le nhlangano igixabeze i-Arrows ngamaphuzu amathathu kwazise iSuperSport iyona okwakufanele iqinisekise ukukhanya kwenkundla njengeqembu elalidlalela ekhaya.

Mayelana nomdlalo uMngqithi uthe iPirates inqobe kufanele.

“Akubanga wumdlalo ongichazile ngenxa yamaphutha namathuba esiwayekile. Obekusobala nokho ukuthi iPirates ibingcono kunathi. Kusemqoka ukuthi sibhukule kule midlalo esisalele ukuze sizoqeda isizini siphefumula kangcono,” kusho uMngqithi.

I-Arrows isawine kanye emidlalweni eyisikhombisa yeligi edlule. Iyibambe endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-26 emuva kwemidlalo engu-25.  okufakazelwa yindawo ehleli kuyona kwi-log.

Njengoba isalelwe imidlalo emibili ezoyidlala neRichards Bay FC neSekhukhune United ukuthi isonge isizini, inamaphuzu angu-26. Lokhu kuyenza ibengcono ngamathathu kuphela kwiCape Town City okubukeka izowela emidlalweni yokuhlunga namaqembu amabili adlala kwiMotsepe Foundation Championship.