IPHINI lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, lilobizela ukunqoba indebe yeMTN8 naleli qembu njengoba kuyiyona kuphela elingakayinqobi selokhu lafika kuleli qembu laseChloorkop.
Phezu kokuthi uMngqithi (47), oseke wayinqoba
lendebe esaqeqesha iLamontville Golden Arrows, beqopha umlando wokuba yiqembu lokuqala ukushaya amagoli ayisithupha emdlalweni wamanqamu ale ndebe ngo 2009, uthi kuyobe umsizilo wakhe awuphelele kwiSundowns uma eze wahamba kuyona engayinqobanga.
Amasandawana azodudulana neCape Town City emdallweni emlenzeni wesibili oseLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, eTshwane, namuhla ngo 3 ntambama.
“Ngifisa kabi ukuthi
ngiyinqobe lendebe neSundowns njengoba zonke sengizinqobile kuhlanganisa neChampions League. Okuhle wukuthi sizokwazi ukugxila kuwona manje,” kusho Mngqithi.
Mayelana nokuthi bazoya kuwona bexhugela ngemuva kokushaya amaCitizen ngo 1-0 emlenzeni wokuqala uphendule wathi: “Lokho akuyona inkinga ngoba sisengawaphendula amatafula.”
Ukaputeni weCitizens uThamsanqa Mkhize (29),osale ngaphandle eqenjini likaStuart Baxter elizodlala neLibya, emdlalweni wokuhlungela i-Afcon engonyaka ozayo eCameroon, uthi kuwubukela phansi abanye abadlali ngokuthi kuthiwa bebedlala neqembu leSundowns ebelingajwayele ukudlala ndawonye ngenxa yokuthi abajwayele ukuboshelwa bebongelwe umdlalo weHoroya ebakhiphe kwiCAF Champions League.
U-ATHONY Laffor ongomunye wabadlali beMamelodi Sundowns okuzofanele benyuse amasokisi ukudlulisela iqembu lakhe kowamanqamu eMNT8
“Ngicabanga ukuthi abasho kanjalo babukela phansi abanye abadlali.
“Ngokwami wonke umdlali okwiSundowns useqophelweni eliphezulu.
“Ngakho uma umdlali ethola ithuba lokudlala uzama ngazo zonke izindlela ukulibambga ngazo zombili. Bonke abadlali beSundowns ababedlala, abazange baboze kuphela wukuthi nathi sasizilungiselele.
“Akusikhona ukuthi sibahlule ngoba kukhona abebengekho ngoba ngesizini edlule sibashaye bephelele,” kuchaza uMkhize.
Mayelana nokuthi sebefake umlenze owodwa ebhasini elibheke kweyamanqamu eMTN 8 uthe kuhlale kuyiphupho lanoma yimuphi ukaputeni ukuthi ahole iqembu elifinyelela kweyamanqamu ayo yonke imiqhudelwano.
“Ngizizwa ngihloniphekile futhi ngiyothokoza kakhulu ngokuthi ngesizini yami yokuqala ngikwazile ukuhola iqembu lafinyelela emdlalweni wamanqamu.
“Ngingajabula ukuthi sikwazi ukunqoba lomdlalo wethu neSundowns kungangithokozisa kakhulu ngoba kungaqinisekisa ngokuthi asilona iqembu elidlalela ukugcwalisa isibalo samaqembu adlala kwiPremiershp,”kubeka uMkhize.
Lo mdlali uthi nakuba bezobhekana nomdlalo
onzima kodwa bazimisele ngokuqhubeka labegcine
khona ngokuthi bangadlaleli ukuvikela igoli abahamba phambili ngalo kodwa baqinisekisa ukuthi badlala ngendlela abajwayele ukudlala ngayo.
“Ukuya emlenzeni
wesibili sihamba phambili ngegoli elilodwa lokho
kusinikeza umdlandla nokuzethemba ekutheni sisengakwazi ukuphinde sithole elinye igoli,” kusho uMkhize.