PHAKATHI kwemisebenzi iphini lomqeqeshi elibhekana nayo kubalwa nokukhuluma nabadlali ezimeni ezinhle nezimbi.
UManqoba “TV” Mngqithi oyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uyavuma ukuthi unomsebenzi onzima wokukhuluma nabadlali, abagqugquzele ikakhulukazi uma izinto zingahambi kahle.
Ngokusho kukaMngqithi, okumenza aphumelele kulo msebenzi wukuthi akahlebi futhi uyaqinisekisa ukuthi benoPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi, bakhuluma ngazwi linye kubadlali.
AmaBrazilians aziwa ngokuthenga okhilimu babadlali okungaphuma kubona izikimu ezintathu emidlalweni ehlukene. Ngenxa yokuthi umgqigqo weqembu akufanele ulahleke, kukhona abagcina bengadlali, bese lokho kudala umsindo kulabo ababakhonzile.
UMngqithi ucacise ngabanye abadlali abafike kwiSundowns bethwelwe ngeqoma kodwa kuze yimanje balizwa ngendaba ijezi. Abanye babo abasabonakali nasezinkundleni.
Zikhona nezinkulumo zokuthi abanye abezwani noMosimane, okuphetha ngokuthi bashayeke ngesithende. Ngesikhathi iSundowns ihambele Olundi kule mpelasonto, iyodlala umdlalo wesihle naMaZulu kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup, uMngqithi ucacise ngabadlali abangabonakali nakuba basayiniswa ngemali enkulu kuleli qembu.
Labo ngoGeorge Lebese, Musa Lebosa no-Anthony Laffor ongasabonakali njalo kumaSandawana nakuba esenqobe inqwaba yezicoco naleli qembu.
Ecacisa ngokungabonakali kukaLebosa othengwe kwi-Ajax Cape Town, uMngqithi uthe: “ULebosa waba nomdlalo omuhle sidlala neCape Town City, sajabula ngaye. Kodwa thina njengethimba labaqeqeshi sikholelwa ekutheni uRicardo Nascimento uyena ongumdlali ongcono kunaye futhi unesipiliyoni kunaye njengoba bobabili bedlala phakathi nendawo emuva ngonyawo lwesokunxele. Samchazela uMusa ukuthi kungani singamdlalisi”.
Echaza ngokungabonakali kukaLaffor kwiSundowns uMngqithi uthe: “Walimala eqenjini lesizwe laseLiberia, ngakho lokho kulimala kusamhlupha kancane. Okwenza angabonakali kuze kube yimanje ukuthi usalulama kulokho kulimala. Namanje uhambe ngenhlanhla ukuya eqenjni lakhe lesizwe, ngoba basiphoqile bathi bayamfuna bazozihlolela bona ukuthi ulimele kangakanani”.
Omunye umdlali obhinjelwa yizinto kuBafana Ba Style selokhu asayina kubona nguLebese.
“ULebese akalimele kodwa usebenza kanzima ukuthola indawo eqenjini. Kufanele sikuqonde ukuthi kunzima ukudlalela iSundowns, akulula neze. Kubantu abangaphandle kungabukeka kulula kodwa kunzima. Indawo edlalwa uLebese njengamanje eqenjini idlalwa uMshishi (Themba Zwane), Gaston Sirino no-Ali Meza ngakho yena angenza kangcono kunabo?", usho kanje uMngqithi.