LAPHA uThami Mkhize ubethatha eminye imiyalelo kumqeqeshi wakhe kwiBafana, uStuart Baxter, bebopha iqhinga lokuqhubekela phambili kwi-Africa Cup of Nations
LAPHA uThami Mkhize ubethatha eminye imiyalelo kumqeqeshi wakhe kwiBafana, uStuart Baxter, bebopha iqhinga lokuqhubekela phambili kwi-Africa Cup of Nations
WATHWA uThami Mkhize eshikilisa isilomo seMorroco koumyne wemidlalo yamaqoqo nokuyisigaba asheshe wanconya ngaso yiningi kwi-Afcon ese-Egypt    Izithombe: AP
WATHWA uThami Mkhize eshikilisa isilomo seMorroco koumyne wemidlalo yamaqoqo nokuyisigaba asheshe wanconya ngaso yiningi kwi-Afcon ese-Egypt Izithombe: AP
UYISE kaThamsanqa Mkhize oyisethenjwa sesitobha seBafana Bafana, uBongamandla Mkhize, nonina waleli qhawe, uLindiwe MaShezi Mkhize,  bazokwenza abangujwayele namuhla uma sebebuka indodana yabo ibhekene neNigeria kowe-quarterfinal ye-2019 Africa Cup of Nations ngo-9 ebusuku.

IBafana, ebuyise ugazi kubalandeli bayo inquma i-Egypt ngo 1-0 kwi-last 16 ngoMgqibelo, ithathana neSuper Eagles kowama-quarterfinal eCairo International Stadium.

Isolezwe livakashele kubo kaMkhize eNamba 9, KwaXimba, eCato Ridge ukuyoxoxa nomndeni walesi sitobha ngamagalelo aso eCairo.

Uyise kaMkhize uficwe elele kodwa akachithanga sikhathi ecelwa ukuba avuke ezoxoxa naleli phephandaba ngendodana yakhe.

"Hhayi, akunankinga (ukuba avuswe) ngoba nalokhu enizengakho la kubalulekile. Lo mfana usesilethele ukuhlonishwa okukhulu singumndeni nomphakathi wakule ndawo," kusho uMkhize, ede echiliza izinkukhu zakhe ezithwabazwa egcekeni.

Ulele emini nje uMkhize, yingoba uphumule kwazise usebenza ebusuku kuleli sonto. Usebenza kwenye yezinkampani ezidumile eThekwini.

Ngisho engabe imithetho iqine kangakanani emsebenzini ngomfaniswano kodwa namuhla uMkhize uzokhombisa ukuziqhenya ngendodana yakhe ngokugqoka ijezi aliphiwa yiyo (uThami) ibuya ekhempini yeqembu lesizwe lapho yafike yanikwa khona unombolo-2.
"Bafana noma kanjani siyadlula, sibheke kweyamanqamu manje. Yize kusekhona nama-semi final kodwa yilapho esengibheke khona, kweyamanqamu ukuthi nje siyadlula," kusho uMkhize esho elidlubha ijezi lakhe athi uzobe ehlobe ngalo emsebenzini eseyongena ngokuhlwa.

Uthi kumnyama kubomvu lo mdlalo uzowubuka khona emsebenzini nozakwabo abangakhohlwa wukumbonga nokumxhawula bemhlalalisela ngamagalelo endodana yakhe.

Unina, uMaShezi, yena uthi akathandi ukubuka imidlalo yendodana yakhe ngoba ebalekela ukuhlukumezeka emoyeni uma kwenzeka ithinteka kabuhlungwa.

"Angiyibuki nje imidlalo yakhe ngoba ngihlala ngesinqe esisodwa uze uyophela ngenxa yovalo lokuthi angase athinteke kabi alimale," kusho uMaShezi.

"Ngivele ngizivalele endlini enkulu. Uma sekuphelile ngizwa ngomsindo egcekeni kujatshulwa noma ngifonelwe ngomakhelwane nabalingani bengitshela ukuthi kwenzekeni. Ngize ngibuke amazwibela-ke ngemuva kwalokho."

Namuhla kodwa uMaShezi uthi uzozama ukuwubuka umdlalo weNigeria yize ezobe ebambe umoya kuze kuyovalwa.

Okuhle nje wukuthi uMaShezi uzobe engayedwa kodwa uzobe ehleli nomnewabo kaThami, uMthoko nodadewabo omncane u-Anele kanjalo nendodaba kakaputeni weCape Town City - uLisakhanya.

Kwazi bani, mhlawumbe ukukhanya kwezindlela zeBafana eCairo kuzoqhamuka ngaye uyise kaLisakhanya.

Thola kabanzi ngoThamsanqa Mkhize, umndeni wakhe nomakhelwane kwi-Solezwe ngempelasonto

@malbingo