IPHINI lomqeqeshi we-Orando Pirates, uMandla Ncikazi, libona kuyiKaizer Chiefs evunwa wumlando njengoba lezi zinkunzi zaseSoweto, zizobanga isicoco seNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UNcikazi ukusho lokhu izolo eMhlanga, eThekwini, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngamalungiselelo alo mdlalo obhekwe ngabomvu.
Kuzobe kuqala eminyakeni engu-10 ukuthi iChiefs nePirates bahlangane kowamanqamu kule nkundla kwazise bagcina ukubhekana (kowamanqamu) weMTN 8 ngo-2014/2015 osekungumlando ukuthi kwakhonya Amakhosi.
“Akufanele siphambanise umlando sivume ukuthi iPirates iyona ethwelwe ngeqoma ekubeni wona ukhomba ukuthi mhla la maqembu egcina ukubhekana kwanqoba iChiefs,” kusho uNcikazi emoyizela.
“Ngiyaziqhenya ngerekhodi lethu eMabhida kodwa kulokhu yiChiefs okufanele ithwalwe ngeqoma ngoba umlando ukhomba ukuthi iyona eyagcina ukuhlabana kule nkundla uma sibhekene.”
Akulula ukuziba ukuthi uNcikazi ukhuluma kanjena nje, ngeledlule banqobe iChiefs enezinkinga kule sizini koweligi e-FNB Stadium, eNasrec.
Ngaphandle kwalokho, ifomu ivuna iPirates esinqobe amahlandla amahlanu kulandelana uma ibhekene neChiefs kumasizini adlule.
Lo mdlalo umqoka kwiPirates kwazise amathuba ayo okudla isicoco seBetway Premiership ayamfimfa kanti nakwiCaf Champions League ikhishwe yiPyramids FC yase-Egypt, kowandulela owamanqamu.
“Sizowuhlelela ngendlela efanele umdlalo ngokuhlonipha isitha esimi phambi kwethu. Okusemqoka kithina wukuqinisekisa ukuthi sihlala kulokhu esikuhlelile,” kuqhuba uNcikazi.
“Asikungabazi ukuthi siya kowamanqamu nelinye lamaqembu okunzima ukubhekana nawo kwiPSL. Umlando phakathi kwamaqembu womabili kulo mqhudelwano ukhomba ukuthi emidlalweni engu-23 iChiefs isinqobe engu-13, thina sawina engu-10.
“Kubalulekile nokukhumbula ukuthi kule sizini kwiNedbank, iChiefs ihamba yodwa ngokuhlohlwa kwamagoli njengoba ina-14. Isangenelwe amabili kuphela, okwenza bucace ubunzima esiyobhekana nabo.
“Kubalulekile nokuqaphela ukuthi siya kulo mdlalo kade sinomdlalo maphakathi nesonto. Konke lokhu kwenzeka iChiefs inethuba elikahle lokuphumula nokusihlelela.
“Kule sizini sesidlale imidlalo engu-48 uma uyihlanganisa yonke imiqhudelwano kanti iChiefs isadlale engu-34 okuyenza isale ngewu-14 kithina.
“Wonke la maphuzu abeka iChiefs njengeqembu elithishwe ukudla isicoco hhayi thina."
UNcikazi ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi weZimnyama uJose Riveiro ozolifulathela iqembu ekupheleni kwesizini, akayazi induku emidlalweni yamanqamu selokhu afika eNingizimu Afrika. Useyidlale amahlandla ayisihlanu, wanqoba izindebe ezintathu zeMTN8 nezimbili zeNedbank Cup.