I-SOUTH African Breweries (SAB) izoba nendumezulu yomcimbi ngoMeyi ezobe iveza kuwo izinhlelo ezoseka ngazo amaqembu esizwe azodlala emiqhudelwaneni emikhulu nonyaka.
Lokhu kudalulwe yisikhulu esiphezulu seSAB, ekhiqiza iCastle Lager, uVaughan Croeser, esithe u-2019 kuzoba wunyaka omkhulu kakhulu kwezemidlalo. Amaqembu esizwe - amaBhokobhoko, Proteas neBafana Bafana - azodlala emiqhudelwaneni emikhulu.
UCroeser uthe umkhankaso i-#SmashTheLabel, abawethule ngoMeyi ngonyaka owedlule, ungeminye yemikhankaso abayixhasile abeseka ngawo elinye lamaqembu esizwe amaProteas adlala nePakistan ochungechungeni lwemidlalo yamaTest.
Nge-#SmashTheLabel iCastle izama ukubuyisa ubumbano kubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi baye ezinkundleni ukuyokweseka amaqembu esizwe, bangabukelani phansi ngokobuhlanga.
EBidvest Wanderers, i-#SmashTheLabel ifake abalandeli bekhilikithi abawu-400 abangakaze balubhade emdlalweni wekhilikithi. Okunye okwenzile wukuthi bayaqinisekisa ukuthi kuba abalandeli bobulili obehlukene kanti nangokobuhlanga kuyalinganiswa.
“Asifuni nokuyizwa indaba yokuthi abalandeli bamaqembu esizwe abezwani! Siyi-Castle siweseka wonke amaqembu esizwe futhi sigquqguzela ubumbano nothando. Uzokhumbula ukuthi iCastle ivutshelwa lapha ekhaya, akuyona eyangaphandle. Ngenxa yokuthi amaqembu esizwe ethu, axineke kakhulu kulo nyaka, sizokwethula umcimbi ngoMeyi, lapho sizokwethula izindlela zokuweseka, ezifuze i-#SmashTheLabel. Sifuna ukuthi ndlelanhle kumaProteas azoyodlala kwiNdebe yoMhlaba e-England naseWales. Sifuna ukuvalelisa iqembu lesizwe amaBhokobhoko azolibangisa eJapan kwiNdebe yoMhlaba. Sinethemba lokuthi iBafana Bafana izoyishaya iLibya siye kwi-Africa Cup Of Nations (Afcon). Nabo sifuna ukuthi ndlelanhle e-Egypt uma sesithula umcimbi,” kulandisa uCroeser.
Uthe abathandi bezemidlalo akufanele badube amaqembu esizwe nxa engenzi kahle. Wenze isibonelo ngeBafana Bafana.
“Siyazi ukuthi uma siya ezinkundleni noma sibukele emakhaya sisuke sifuna amaqembu esizwe anqobe. Kodwa akufanele nxa kungahambi ngokwezifiso zethu bese sigxeka noma sikhulume kabi ngabadlali. Nginethemba lokuthi iBafana izoyishaya iLibya, noma sithole okungenani iphuzu esilidingayo. Kufanele uphele umkhuba wokuthi uma iqembu lingenzi kahle, siliqede amandla ngokugxeka esidlangalaleni futhi singakhi. UStuart (Baxter), nokaputeni bakhe asibethembe ukuthi bazokwenza siziqhenye,” kugcizelela uCroeser.