USHAYA phansi ngonyawo u-Ernst Middendorp oqeqesha iKaizer Chiefs uthi abanayo inkinga emapalini.
U-Akpeyi ufakwe ngemizuzu yokugcina eqenjini ebelizoqala umdlalo ngemuva kokuthi unozinti obeboshelwe, uBruce Bvuma ekhale ngezinhlungu enyongeni besavivela ukuqala umdlalo.
Laba yibona onozinti abakhona eqenjini elikhulu njengoba u-Itumeleng Khune esalulama ekulimaleni okwenzeke ngesizini edlule.
U-Akpeyi usayiniswe ngoJanuwari ngemuva kokushaya udaka kukaVirgil Vries owayesayiniselwe ukuvala isikhala sikaKhune esalulama. Nokho naye lo nozinti waseNigeria useqeda isizini engasalitholi ijezi kuMakhosi ngemuva kokufambula kweminye imidlalo.
Ngesikhathi uMiddendorp ebuzwa ngokuthi ngabe izoba khona yini inkinga emapalini njengoba uBvuma esethintekile, uthe ezakhe ziqine kakhulu kule ndawo.
“Uma kukhona into eyodwa engingayithembisa ngo-100%, ngokuzethemba wukuthi asinayo inkinga konozinti. Ngisho nencane. Ngicabanga ukuthi uDaniel wenze kahle. Ubuya kwi-Afcon lapho eqede khona endaweni yesithathu neNigeria. Kuke kwaba khona ukungabaza okuncane ngesiwombe sokuqala lapho esheshe waphuma khona. Kodwa ngicabanga ukuthi umdlalo wonke ubewulawula. Kulungile uma kudlala uDaniel noma kudlala uBruce, okanye uKhune. Empeleni simdlalisile (uKhune) imizuzu ewu-45 ngesonto eledlule samnikeza neminye ewu-60. Sesizolandelisa ngewu-90 ngemuva kwalokho uzobe esezokwazi ukuthi angaqokwa (esikwatini),” kuchaza uMiddendorp.
IChiefs isiyinqobe yomibili imdlalo ye-Absa Premiership. Izoze idlale olandelayo ngo-Agasti 24 neSuperSport United eFNB Stadium ngo-6 ntambama.
UMiddendorp uthe uzosebenzisa lesi sikhathi ukucija iqembu lakhe ekuhlaseleni. Yize benqobile uveze ukuthi akakagculiseki ngesibalo samagoli. Emdlalweni wokuqala bashaya iHighlands Park ngo 3-2.
“Nasemdlalweni weHighlands Park ngicabanga ukuthi besingashaya amanye amagoli kodwa kumele sikuqonde ukuthi kuba lukhuni uma unabadlali abasha ezindaweni eziwukhiye. Ngicabanga ukuthi ngijabule ngokuthi siyawakha la mathuba okuseyindlela yokuthuthukisa nokuhlanganisa iqembu. Okwamanje ngiyakwamukela lokhu ngoba sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uMiddendorp.