USAZOBUYELA endaweni nasezingeni aziwa ngalo uLebo Manyama ongomunye wabadlali abasayiniswe yiKaizer Chiefs ekuqaleni kwale sizini, ngokusho komqeqeshi u-Ernst Middendorp.
UManyama ufike kuMakhosi kade esamabhukwini eqembu laseTurkey, iKonyaspor, lapho ebengalitholi khona ijezi kanti wasayiniswa eNaturena esevele eqalile amalungiselelo esizini entsha.
Uthe lapho eqala ukuthi uyangena egiyeni, walimala engozini yemoto okuholele ekutheni ahlale amanye amasonto ayisithupha engaziqeqeshi neqembu .
Ngaphansi komqeqeshi omusha, uMiddendorp, uManyama useyidlale yomibili imidlalo, oweligi neSuperSport United noweCAF Confederation Cup ne-Elgeco Plus.
IChiefs iyinqobe yomibili le midlalo njengoba kusasa izodlala ne-Elgeco ekuhambeni kowomlenze wesibili ngo-1.30 ntambama.
Iza emdlalweni ihamba phambili ngo 3-0. Uma inqoba lapha izobe isingena esigabeni sokuhlungela amaqoqo.
Lapha uManyama ubedlala esiswini kodwa engayi phambili ukuyolekelela kubagadli njengokujwayelekile.
“UManyama ngilokhu ngimdlalisa ekujuleni kwesisu. Lokhu kumnika isikhathi sokuthi akwazi ukuzinakekela. Wonke umuntu uyazi ukuthi ufike lapha kuqala isizini, waphinde waba sengozini yemoto wangajima. Okusho ukuthi akekho esimeni sokwehla enyuka enkundleni yonke imizuzu ewu-90. Sisazomsondeza phambili kodwa okwamanje kula maqembu esibhekane nawo ngicabanga ukuthi wenze kahle, eqhamuka ezikhaleni ezivulekayo,” kusho uMiddendorp.
UManyama uhambe kuleli kade eyisibabuli esihlupha izitobha, sishaya namagoli ekupheleni kwesizini ka-2016/2017.
Wayekade ehole iCape Town City, esungulwe ngo-2016, ithola isicoco sayo sokuqala iTelkom Knockout. Wabuye wadla isicoco somshayimagoli ophambili nesePlayer of the Season.
Nokho kuthe angafika eTurkey izinto zamphika, engasitholi isikimu, zase ziqala izinkulumo zokuthi angase abuyele ekhaya njengoba esesemabhukwini eChiefs.
Uma uManyama engagcina ebuyele ezingeni lakhe njengokubona kukaMiddendorp, angalekelela ekushayeni amagoli, okwamanje okuwumsebenzi obonakala usemahlombe kaKhama Billiat noLeonardo Castro.
Khonamanjalo iPirates izovakashela i-Africa Stars eNamibia khona kusasa emlenzeni wesibili esigabeni sokuhlungela amaqoqo kwiCAF Champions League. Umdlalo wokuqala uphele ngo 0-0.
Umdlalo ungo-4 ntambama eSam Nujoma Stadium, eWindhoek.
Kanjalo neMamelodi Sundowns izobe ilwela ukushaya amagoli uma isidlala ne-Al Ahly Benghazi yaseLibya kusasa eLoftus Versfeld ngo-3 ntambama.
Emdlalweni wasekuhambeni zabhuquzisana ngo 0-0.