UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic, ubize umdlalo wezakhe neCape Town City "ngowamanqamu’’ njengoba la maqembu ezotholana phezulu kowe-Absa Premiership obhekwe ngabomvu ngoMgqibelo.
I-Pirates izovakashela ezikaBenni McCarthy, e-Athlone Stadium, ngo-3 ntambama. Ziya kulo mdlalo nje, ukuminca kuthe bhe kubalandeli beZimnyama kwazise basembangweni oshisa phansi wesicoco seligi neMamelodi Sundowns.
I-Pirates izihola phambili kwi-log ngamaphuzu awu-53 emidlalweni ewu-28. Isisalelwe ukudlala neCape Town City ekuhambeni nePolokwane City ekhaya.
ISundowns ilele isibili ngamaphuzu awu-50, emidlalweni ewu-27. Isisalelwe ukudlala neBlack Leopards (ezodlala nayo namuhla), Golden Arrows abazodlala nayo ekhaya bese beyivala ngeFree State Stars ekuhambeni.
USredojevic uthe ulindele umdlalo onzima kwiCity, ngoba ukuyodlalela eKapa, akukaze kwaba mnandi kwezakhe.
“Kuzofanele siqaphele kakhulu kunakuqala. Siyobhekana neqembu elisendaweni enhle kwi-log. Ngokwami ukubona basenalo ithuba elincane lokulwela isicoco seligi. Ngaphandle nje kwalokho, yiqembu eliqeqeshwa uMcCarthy onobuhlakani obuyisimanga. Ngaphezu kwalokho banabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Akukaze kwaba lula ukuyodlala eKapa, siyaqonda sonke lokho eqenjini lethu. Ngibona kuwumdlalo wamanqamu lona, ngaphambi kokuthi sidlale nePolokwane City ekhaya,” kusho uSredojevic.
Nakuba iBucs iqhwakele kwi-log, uSredojevic uthe maningi amathuba abawakhayo kodwa amagoli abawashayayo mancane.
“Kwesinye isikhathi ingcindezi yokulwela isicoco inokungena emiqondweni yabadlali bethu, bese imilenze yabo izenzela umathanda. Sakha inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa dololo ukuwavalela. Lokhu kufanele kushintshe ngoba kuyasilimaza. Lokhu kudalwa yingcindezi njengoba sisembangweni wesicoco,” kunezezela uSredojevic.
Phakathi kwezinye izinto ezishiwo uSredojevic, uncome iPremier Soccer League (PSL) ngokuba yisibonelo esihle kwamanye amazwe e-Afrika. Lo mqeqeshi uthe kubalulekile ukuthi amaqembu akuleli enze kahle emiqhudelwaneni yase-Afrika ukufakazela izinga lePSL.
Ukhuluma kanjena nje uSredojevic abalandeli bamaBrazilians bashaya amakhala ngePSL, njengoba belinde isigwebo kwiPSL ngokudlalisa umdlali owayengekho ohlwini lwabadlali abawu-18, ngesikhathi bedlala neBidvest Wits nyakenye.
Sekuphele izinyanga ezingaphezu kweziyisithupha lokhu kwenzeka kodwa kuze kube manje iPSL ayikasikhiphi isinqumo. Sekukhona ukukhuluma kubalandeli beSundowns kokuthi bashaywa ngemfe iphindiwe ngenxa yokuthi usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza uphinde abe yisikhulu sePirates ababanga nayo isicoco.