UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ulume ephephetha kubadlali abashaye into ephansi benikwe ithuba lokuzibonakalisa emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Champions League neLight Stars e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
IPirates ibhudluze iStars yaseSychelles ngo 5-1 emdlalweni uMicho abekade enikeze kuwona ithuba inqwaba yabadlali abangajwayele ukudlala.
Kulaba badlali kukhona uKudakwashe Mahachi, Meshack Maphangule, Linda Mntambo, Mpho Makola nabanye.
EZimnyama zizodlala owomlenze wesibili eSeychelles ngoLwesithathu. Nakuba uMicho ekujabulele ukunqoba kwezakhe nokuthi zizibeke ethubeni elihle lokudlulela emzuliswaneni olandelayo kodwa uzwakalise ukuthi akeneme ngabanye babadlali athe bahlulekile ukukhombisa ukuthi balilambele ijezi.
“Alikho ithuba elingcono elifana naleli elinikezwe abadlali abangajwayele ukudlala. Esikhathini esizayo ngeke libe khona ithuba lokwenza izinguquko eziyisishiyagalolunye njenganamuhla. Indawo izoncipha kakhulu. Singaphumuza abadlali abane noma abayisihlanu ngenxa yemiqhudelwano esidlala kuyona kodwa abayisishiyagalolunye ngeke ngoba iqembu lehlelwa yizinga. Asikubheki kabi ukushaya into ephansi kwabadlali ngoba bayazazi. Nathi siyazi ukuthi abadlali bethu bangenza kangcono,” kusho uSredojevic.
Kubadlali abahlulekile ukukhombisa ukuthi bayalifuna ijezi kweZimnyama kukhona uMahachi ohlulwe yinqwaba yamathuba okushaya amagoli noThabo Qalinge obegcina ibhola kuze kweqe.
“Siyithimba labaqeqeshi sizibeke engozini ngokunika ithuba abadlali abangajwayele ukudlala. Akufanele sigxeke noma ngabe kwenzekeni. Ngakho siyakuthwala konke okungahambanga kahle. Uma ngiphoxekile ngabadlali abathize kufanele sikukhulume nabo. Akukho eqenjini lethu ukugxekana esidlangalaleni.
“Sibonile ukuthi ubani olwela ijezi. Njengoba ngihlale ngisho ukuthi ijimu nomdlalo wobungani, akufani nomdlalo wangempela. Ngifuna ukuxolela bonke abashaye into ephansi kunekade ilindelekile. Iqembu likuzuzile ebelikufuna. Abanye kufanele babhukule, bakhwice imikhono, banyuse izinga,” kusho uSredojevic.
Kulindeleke ukuthi abuyise izethenjwa zakhe uma sebebhekene neMaritzburg United emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium kusasa ngo 8.15 ebusuku. EZimnyama zihlezi phezulu kwi-log yePremiership ngamaphuzu awu-23 emuva kwemidlalo ewu-13.
ITeam of Choice isendaweni ka-14 ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emuva kwemidlalo ewu-11. Isawine umdlalo owodwa kule sizini.
“Sifuna ukukhombisa ukuthi abafana bethu bangcono. Sifuna ukubahlonipha kube sengathi sidlala neMaritzburg yangesizini edlule. Kujwayelekile ukuthi amaqembu akulesi simo uma edlala namakhulu ayalenyusa izinga,” kusho uSredojevic.